Skip to Content

"mana"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:25

Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi , umemile onke amadodana enkosi , nezinduna zempi , no- Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe , bathi: Mana njalo, nkosi Adoniya.

1 AmaKhosi 1:31

Wayesekhothama uBati Sheba , ubuso bakhe bubheke phansi , wakhuluma enkosini, wathi: Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.

1 AmaKhosi 1:34

uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: Mana njalo, nkosi Solomoni.

1 AmaKhosi 1:39

USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni , wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo , bonke abantu bathi : Mana njalo , nkosi Solomoni.

2 AmaKhosi 11:12

Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: Mana njalo, nkosi.

2 iziKronike 23:11

Base beyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi; uJehoyada namadodana akhe bayigcoba bathi : Mana njalo, nkosi.

2 uSamuweli 16:16

Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku -Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.

UDaniyeli 2:4

Ayesekhuluma amaKaledi enkosini ngesi -Aramu, athi: Mana njalo , nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina sibonise incazelo.

UDaniyeli 3:9

Athatha athi kuNebukadinesari inkosi: Mana njalo, nkosi.

UDaniyeli 5:10

Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili ; inkosikazi yakhuluma yathi : Mana njalo , nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.

UDaniyeli 6:21

UDaniyeli wathi enkosini: Mana njalo, nkosi.

UDaniyeli 6:6

Base bebuthana labo bongameli nez ikhulu enkosini , basho kanje kuyo , bathi: Mana njalo, nkosi Dariyu.

UNumeri 11:6

kepha manje umphefumulo wethu usuwomile ; akukho lutho impela ; ngaphandle kwaleli mana akukho lutho emehlweni ethu.