Skip to Content

"mnikelo"

10 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 8:19

kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi yiwo amabandla ukuba ahambisane nathi ngendaba yalo mnikelo osetshenzwe yithi , kube ludumo kuyo iNkosi, kubonakalise ukukhuthala kwethu,

U-Eksodusi 30:9

Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo , nangomnikelo wokushiswa , nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.

UHezekeli 45:16

Bonke abantu bezwe bayakuba kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli.

UHezekeli 48:21

Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha ko mnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga , nasentshonalanga maqondana n ezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga , kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.

ULevitikusi 1:10

Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi , owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngu mnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.

ULevitikusi 2:8

Woletha kuJehova u mnikelo wempuphu owenziwe ngalezo zinto , unikelwe kumpristi, yena awuyise e-altare.

ULevitikusi 6:30

Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.

ULevitikusi 7:13

Kanye namaqebelengwane esinkwa esivutshelweyo uyakunikela ngalo mnikelo kanye nomhla tshelo weminikel o yakhe yokuthula , ube ngowokubonga.

UNumeri 28:2

Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: U mnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi , niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.

UNumeri 8:15

Emva kwalokho amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; uyakuwahlambulula, unikele ngawo abe ngu mnikelo wokuzuliswa.