Skip to Content

"mnyama"

27 occurrences in ZUL

AmaHubo 105:28

Wathuma ubumnyama , wenza kwaba mnyama , kepha baphambana namazwi akhe.

AmaHubo 139:12

ubumnyama bebungayikuba mnyama ku we, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.

AmaHubo 35:6

Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe.

IsAmbulo 16:10

Eyesihlanu yathululela isitsha say o esihlalweni sobukhosi sesilo ; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,

IsAmbulo 6:12

Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha , kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

KwabaseRoma 1:21

ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu , kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo ; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.

NgokukaLuka 23:44

Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke , kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;

NgokukaMarku 15:33

Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.

NgokukaMathewu 27:45

Kepha kusukela ngehora l esithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke , kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.

NgokukaMathewu 5:36

Ungafungi nekhanda lakho , ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.

NgokukaMathewu 6:23

Kepha uma iso lakho lilibi , uzakuba mnyama umzimba wakho wonke . Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama , ubumnyama bukhulu kangakanani!

U-Amose 5:8

nimfune owenza isiLimela neMpambano , ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa, ayenze imini ibe mnyama njengobusuku , obiza amanzi olwandle , awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe

U-Amose 8:9

Kuyakuthi ngalolo suku , isho iNkosi uJehova , ngilishonise ilanga emini , ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.

U-Eksodusi 10:15

Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe . Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho ; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.

U-Isaya 13:10

Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana baz o akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo , nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.

U-Isaya 5:30

Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suk u njengokuduma kolwandle ; uma umuntu ebuka umhlaba , bheka, naso isigayegaye sobumnyama , nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.

UGenesise 15:17

Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama , bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye.

UHezekeli 30:18

EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama , lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo ; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

UHezekeli 31:15

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile , ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa ; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.

UHezekeli 32:7

Lapho ngikucisha , ngiyakusibekela izulu , ngenze mnyama izinkanyezi , ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.

UHezekeli 32:8

Ngiyakwenza mnyama phezu kwakho zonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo, ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.

UJobe 38:2

Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na?

UJobe 3:5

Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona , kuhlale ifu phezu kwalo ; okwenza mnyama usuku makulwesabise.

UJoweli 3:15

Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

UMika 3:6

Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono , kuhlwe kini , ningabe nisabhula ; ilanga liyakushonela abaprofethi , usuku lube mnyama phezu kwabo.

UNehemiya 13:19

Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo , ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.

UmShumayeli 12:2

yebo, lingakabi mnyama ilanga , nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,