Skip to Content

"muni"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:18

Wayesethi ku-Eliya: Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na ? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.

1 kwabaseKorinte 15:35

Kepha omunye uyakuthi: Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?

2 AmaKhosi 3:13

Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.

2 iziKronike 35:21

Kepha wathuma izithunywa , wathi: Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla , kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo ; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe ; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.

2 uSamuweli 16:10

Yathi inkosi: Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya . Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi : Thuka uDavide , ngubani ongasho ukuthi: Ukwenzeleni lokho na?

2 uSamuweli 19:22

UDavide wathi : Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na ? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa -Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?

AbAhluleli 11:12

UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa -Amoni, wathi: Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?

KwabaseRoma 3:27

Ngakho kuphi ukuzibonga na ? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na ? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.

NgokukaLuka 4:34

Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha ? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 8:28

Isimbona uJesu yadazuluka , yawa phansi phambi kwakhe , yathi ngezwi elikhulu: Nginamsebenzi muni nawe Jesu , Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.

NgokukaLuka 9:55

Kepha waguquka, wabakhuza wathi: Anazi ukuthi ningabomoya muni.

NgokukaMarku 1:24

wathi: Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha ? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 4:30

Wathi futhi : Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu ? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na?

NgokukaMarku 5:7

wayesememeza ngezwi elikhulu , ethi: Nginamsebenzi muni nawe Jesu , Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke ? Ngikufungisa uNkulunkulu , ungangihluphi.

NgokukaMathewu 5:46

Ngokuba uma nithanda abanithandayo , ninamvuzo muni na ? Abenzi njalo nabathelisi na?

NgokukaMathewu 8:29

Bheka, bamemeza bathi: Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?

UJoshuwa 22:24

Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi : Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na?