Skip to Content

"nabafowethu"

10 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 8:21

Kepha waphendula, wathi kubo: Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Math. 8:23; Mark. 4:35)

NgokukaMarku 3:33

Wabaphendula wathi: Ngubani umame nabafowethu na?

NgokukaMarku 3:34

Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile , wathi: Bhekani, nangu umame nabafowethu.

NgokukaMathewu 12:48

Kepha waphendula , wathi komtshelileyo : Ngubani umame , nabafowethu ngobani na?

NgokukaMathewu 12:49

Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe , wathi: Bhekani nangu umame nabafowethu.

UGenesise 47:1

UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo , nezinkomo zabo , nakho konke abanakho , bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.

UJoshuwa 2:13

nisindise ubaba , nomame, nabafowethu, nawodadewethu, nabo bonke abanabo, nophule imiphefumulo yethu ekufeni.

UNehemiya 4:23

Mina nabafowethu , nezinceku zami , nabalindi abangilandelayo , kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe ; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.

UNehemiya 5:10

Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele . Ake siyeke ukubiza le nzalo.

UNehemiya 5:14

Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda , kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka -Aritahishashita inkosi , iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.