Skip to Content

"nakuzo"

41 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:32

Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka. UJerobowamu uqhubeka ebubini

1 AmaKhosi 7:29

kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingony ama, nezinkabi, namakherubi; kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu ; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.

1 uSamuweli 19:1

USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izin ceku zakhe ngokubulala uDavide . Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.

2 iziKronike 1:2

USolomoni wakhuluma kuye wonke u -Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa - Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.

2 iziKronike 31:5

Lanele ukusakazeka nje leli zwi , abantwana bakwa -Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele , nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.

2 iziKronike 35:12

Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe , ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.

2 uSamuweli 16:11

UDavide wayesethi ku -Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami ; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na ? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.

IsAmbulo 14:6

Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu , inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni , nakuzo zonke izizwe , nemindeni, nezilimi, nabantu,

IzEnzo 20:20

nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa p hambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,

NgokukaLuka 12:11

Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni , nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,

NgokukaLuka 12:54

Wayesethi nakuzo izixuku : Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga , masinyane nithi: Iyeza imvula, kube njalo.

NgokukaLuka 23:4

Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku : Angifumani cala kulo muntu.

U-Amose 5:16

Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti , iNkosi, uthi: Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala , nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: Maye, maye! babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;

U-Amose 5:17

nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala , ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho, usho uJehova. Usuku lukaJehova

U-Eksodusi 8:21

Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke , bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho , nasezindlini z akho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.

U-Eksodusi 8:29

Wathi uMose : Bheka, ngiyaphuma kuwe ; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke , zisuke kuFaro , nakuzo izinceku zakhe , nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.

U-Eksodusi 8:31

UJehova wayesenza njengezwi likaMose ; wasusa izibawu kuFaro , nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.

U-Esteri 1:16

UMemukhani wathi phambi kwenkosi nezikhulu : UVashiti, inkosikazi, akonanga enkosini kuphela , kepha nakuzo zonke izikhulu nakubantu bonke abasezifundeni zenkosi u-Ahashiveroshi.

U-Ezra 4:2

zasondela kuZerubabele nakuzo izinhloko zawoyise , zathi kubo : Masakhe nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani , sinikela kuye kwasemihleni ka-Esari Hadoni inkosi yase-Asiriya owasikhuphulela lapha.

UDaniyeli 9:8

Jehova, kithina kukhona amahloni obuso : kuwo amakhosi ethu , nakuzo izikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe.

UDuteronomi 11:4

nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe , nakuwo amahhashi abo , nakuzo izinqola zabo , nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo , nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,

UDuteronomi 14:7

Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo : ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa , zingahlukanisi kodwa inselo ; zingcolile kini;

UDuteronomi 29:2

UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro , nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:

UDuteronomi 34:11

ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe , nakulo lonke izwe lakubo,

UGenesise 6:19

Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi.

UGenesise 6:20

Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo , nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo , nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile.

UGenesise 7:2

Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili , iduna nensikazi yalo,

UGenesise 7:3

nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa , iduna nensikazi , ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke.

UGenesise 8:20

UNowa wamakhela uJehova i -altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyon i ezihlambulukileyo , wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.

UHezekeli 36:25

Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo , nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zon ke izithombe zenu.

UHezekeli 36:4

ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izi ndawo ezichithekileyo , nakuyo imizi eshiyiweyo , osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,

UHezekeli 36:6

ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.

UHezekeli 40:16

Kwakukhona amafasitele avaliweyo , kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke , kanjalo nakuyo imen gamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.

UHezekeli 6:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.

UHezekeli 6:3

Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.

UJeremiya 1:15

Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho, usho uJehova. Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobu khosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema , nakuzo zonke izingange zalo nxazonke , nakuyo yonke imizi yakwaJuda.

UJoshuwa 21:1

Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku -Eleyazare umpristi , nakuJoshuwa indodana kaNuni , nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,

UJoshuwa 22:28

Sathi-ke: Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo , sisho ukuthi : Bhekani isifanekiso se -altare likaJehova abalenzayo obaba , lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo ; lingufakazi phakathi kwethu nani.

ULevitikusi 25:7

nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.

UNumeri 22:40

UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye.

UNumeri 32:2

abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose , naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi: