Skip to Content

"namafilisti"

22 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:19

Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide , lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule , kepha abawasizanga , ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa , zathi: Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule , amakhanda ethu abe sengozini.

1 iziKronike 20:4

Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri ; khona uSibekayi , umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.

1 iziKronike 20:5

Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti ; u-Elihanani, indodana kaJayire , wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati , umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.

1 uSamuweli 14:47

USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

1 uSamuweli 14:52

Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule ; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.

1 uSamuweli 17:19

USawule nabo bonke abantu bakwa -Israyeli base besesigodini sase -Ela, belwa namaFilisti.

1 uSamuweli 17:2

USawule nabantu bakwa -Israyeli babuthana , bamisa esigodini sase -Ela, bahlela impi ukuhlangabezana namaFilisti.

1 uSamuweli 17:21

U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana.

1 uSamuweli 19:8

Kwabuye kwaba khona impi futhi ; uDavide waphuma walwa namaFilisti , wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.

1 uSamuweli 23:28

Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti.

1 uSamuweli 23:5

UDavide nabantu bakhe baya eKeyila , balwa namaFilisti , bathumba izinkomo zawo , bawaceka ngokuceka okukhulu . Wayesebasindisa uDavid e abaseKeyila.

1 uSamuweli 4:1

Izwi likaSamuweli lafika kuye won ke u -Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.

1 uSamuweli 7:13

Ayesahlulwa amaFilisti , awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka - Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.

2 iziKronike 26:6

Waphuma walwa namaFilisti , wadiliza ugange lwaseGati , nogange lwaseJabine, nogange lwase -Ashidodi; wakha imizi kwelase -Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.

2 iziKronike 28:18

NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda , athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.

2 uSamuweli 21:15

AmaFilisti abuye aphaka impi no -Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.

2 uSamuweli 21:18

Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi ; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.

2 uSamuweli 21:19

Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi ; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.

AbAhluleli 14:4

Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova , ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti . Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

AbAhluleli 16:30

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

U-Amose 9:7

Aninjengabantwana bakwaKushe kimi , nina bantwana bakwa -Israyeli, na? usho uJehova . Angikhuphulanga u -Israyeli ezweni laseGibithe , namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na? Insali

U-Isaya 9:12

i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva , bamudle u -Israyeli ngomlomo okhamisiweyo ; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi , isandla sakhe siseluliwe.