Skip to Content

"namafu"

6 occurrences in ZUL

IsAmbulo 1:7

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona , nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

IzAga 3:20

Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.

UDaniyeli 7:13

Ngabona emibonweni ebusuku ; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu ; yafika komdala wezinsuku , yasondezwa phambi kwakhe.

UDuteronomi 4:11

Nase nisondela , nema phansi kwentaba ; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.

UNahume 1:3

UJehova wephuza ukuthukuthela , mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni , namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.

UmShumayeli 12:2

yebo, lingakabi mnyama ilanga , nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,