Skip to Content

"namakamela"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:2

Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu , namakamela ethwele amakha , negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

1 iziKronike 5:21

Asusa izinkomo zabo , namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili , nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.

1 uSamuweli 15:3

Hamba manje , unqobe u -Amaleki, uchithe impela konke anakho , ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa , nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.

1 uSamuweli 27:9

UDavide walichitha izwe , akashiyanga muntu ephilile , owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu , nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.

2 iziKronike 14:15

Bachitha namatende ezinkomo , bamuka nezimvu eziningi namakamela , babuyela eJerusalema.

2 iziKronike 9:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

AbAhluleli 6:5

Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.

UGenesise 12:16

U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe ; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

UGenesise 24:14

Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi : Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho , ibe yileyo- ke oyimisele inceku yakho u -Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.

UGenesise 24:19

Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa , yathi: Ngiyakukhelela namakamela akho , aze aphuze onke.

UGenesise 24:35

UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami , yaze yaba nkulu ; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.

UGenesise 24:44

ithi kimi : Phuza wena , futhi ngizakuwakhelela namakamela akho , kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.

UGenesise 24:46

Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho; ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa.

UGenesise 30:43

Yayisikhula kakhulu impela le ndoda , yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.

UGenesise 32:15

namakamela asengwayo angamashumi amathathu namathole awo , nezinkomazi e zingamashumi amane , nezinkunzi eziyishumi , nezimbongolokazi ezingamashumi amabili, namathole ayishumi.

UGenesise 32:7

UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu , ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

UJeremiya 49:29

Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha , bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo , namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: Luvalo nxazonke.

UJobe 1:3

Impahla yakhe yayiyizimvu eziyiz inkulungwane eziyisikhombisa , namakamela ayizinkulungwane ezintathu , namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi , nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu , nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.

UJobe 42:12

Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe ; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane , namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha , namabhangqa ayinkulungwane ezinka bi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.

UZakariya 14:15

Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi , neminyuzi, namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane , okuyakuba khona kulawo makamu , njengalokho kushaywa.