Skip to Content

"namakha"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:10

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wo na yinkosikazi yaseSheba.

1 AmaKhosi 10:25

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

1 iziKronike 9:29

Abanye kubo babemiselwe impahla , nezitsha zonke zendlu engcwele , nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.

2 AmaKhosi 20:13

UHezekiya wabalalela , wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.

2 iziKronike 16:14

Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide , bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki ; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.

2 iziKronike 9:24

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

2 iziKronike 9:9

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu , namatshe ayigugu ; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:1

Sengingenile ensimini yami , dadewethu, makoti wami ; ngiyabutha imure lami namakha ami , ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami , ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Abangane: Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando. Ukulangazela komakoti Umakoti:

NgokukaJohane 19:40

Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu , basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela.

NgokukaMathewu 2:11

Zase zingena endlini , zabona umntwa na noMariya unina , zawa phansi , zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.

U-Eksodusi 25:6

namafutha okukhanyisa , namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

U-Eksodusi 35:28

namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.

U-Eksodusi 35:8

namafutha okukhanyisa , namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

U-Isaya 39:2

UHezekiya wathokoza ngabo , wababonisa indlu yen gcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle , nayo yonke indlu yezikhali zakhe , nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.

UGenesise 43:11

Uyise u -Israyeli waye sethi kubo : Uma kunjalo, yenzani lokhu ; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu eliyingcosana , nezinyosi eziyingcosana , namakha, nemure, namapisitakiyo, nama-alimondi,