Skip to Content

"namanje"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:14

Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje.

1 kuThimothewu 1:4

futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

2 iziKronike 28:13

bathi kubo : Ningabangenisi abathunjwa lapha , ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje ; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.

2 kaPetru 3:18

kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu . Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

EkaJuda 1:25

kuye uNkulunkulu oyedwa , uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.

KwabaseFilipi 1:20

njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

KwabaseGalathiya 4:29

Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.

NgokukaJohane 4:23

Kodwa isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso ; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.

NgokukaJohane 5:25

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu ; abezwayo bayakuphila.

NgokukaLuka 3:9

Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi ; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.

NgokukaMarku 14:41

Weza ngokwesithathu, wathi kubo: Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

NgokukaMathewu 19:9

Namanje ngithi kini : Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.

NgokukaMathewu 26:45

Khona wafika kubafundi , wathi kubo : Nisalele namanje niphumula ; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandle ni zezoni.

U-Eksodusi 4:10

UMose wayesethi kuJehova : Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho , ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.

UDuteronomi 31:21

Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi , leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofak azi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo , lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje , ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.

UHezekeli 16:28

Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo , kepha namanje wawungakadeli.

UJobe 16:19

Namanje bheka , ufakazi wami usezulwini ; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.