Skip to Content

"nehhashi"

10 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:29

Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

2 iziKronike 1:17

Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva , nehhashi ng ayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase -Aramu ngezandla zabo.

AmaHubo 76:6

Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:9

Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.

IzAga 30:31

nehhashi lempi kanye nempongo, nenkosi phambi kwempi yayo.

U-Esteri 6:10

Yayisithi inkosi kuHaman i: Shesha, uthathe is ambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.

U-Esteri 6:11

UHamani wathatha -ke isambatho nehhashi , wamembathisa uMoridekayi , wamkhwelisa esigcawin i somuzi , wamemeza phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

U-Esteri 6:8

makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi , kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;

U-Esteri 6:9

isambatho nehhashi makunikez we esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa , zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi , zimemeze phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

UZakariya 9:10

Ngiyakunquma inqola kwa -Efrayimi nehhashi eJerusalema , nomnsalo wokulwa uyakunqunywa ; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe , nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.