Skip to Content

"nendlala"

13 occurrences in ZUL

2 iziKronike 20:9

Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.

IsAmbulo 18:8

Ngakho k uyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo , ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo ; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

NgokukaLuka 21:11

kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nobhici, nendlala izindawo ngezindawo , kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.

UHezekeli 14:21

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kakhulu kangakanani , lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?

UHezekeli 7:15

Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi ; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.

UJeremiya 14:13

Ngase ngithi: E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela , kepha ngiya kuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.

UJeremiya 14:15

Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.

UJeremiya 24:10

Ngiyakuthuma kubo inkemba , nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.

UJeremiya 29:17

yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.

UJeremiya 32:24

Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe ; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.

UJeremiya 34:17

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Nina aningilalelanga u kuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo , yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka , usho uJehova, nginikhululele inkemba , nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.

UJeremiya 5:12

Zimphikile uJehova, zathi: Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.

UJobe 5:22

Uyakuhleka incithakalo nendlala, nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.