Skip to Content

"nendoda"

16 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 11:11

Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda , nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,

1 kwabaseKorinte 11:12

ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni , kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 7:10

Kepha abaganeneyo ngiyabayala , kungemina kodwa yiNkosi , ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;

1 kwabaseKorinte 7:11

-- kepha uma eke wahlukana nayo , kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe -- nendoda ingamlahli umkayo.

1 uSamuweli 14:52

Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule ; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.

2 AmaKhosi 4:14

Wayesethi: Angenzelwa ntoni na ? UGehazi wathi : Impela akanandodana , nendoda yakhe isindala.

AbAhluleli 21:11

Yilokhu eniyakukwenza : Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.

IzAga 31:28

Abantwana bakhe bayasukuma , bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:

NgokukaLuka 2:36

Kwakukhona nomprofethikazi , u-Ana, indodakazi kaFanuweli , owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu , ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,

NgokukaMathewu 7:24

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami , awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

NgokukaMathewu 7:26

Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.

UDuteronomi 22:24

niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi , nibakhande ngamatshe baze bafe , intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini , nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

UDuteronomi 22:5

Owesifazane makangagqoki okwendoda , nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. Ngokuphatha kahle izilwane nangokungahlanganisi okungafanele

UGenesise 3:6

Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa , nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni , wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.

UJeremiya 6:11

Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova , ngikhathele ukunyamezela. Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini , nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo , ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.

URuthe 1:12

Buyani, madodakazi ami , nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba , noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,