Skip to Content

"nendodana"

62 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:12

Kepha wathi : Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho , anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni ; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili , ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.

1 AmaKhosi 17:13

Wayesethi u -Eliya kuye : Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho , kepha ngenzele mina ku qala iqebelengwane elincane ngakho , ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.

1 AmaKhosi 1:21

funa, lapho inkosi yami , inkosi, isilele koyise , mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.

1 iziKronike 9:36

nendodana yakhe eyizibulo u -Abidoni, kanye noSuri , noKishi, noBali, noNeri, noNadabi,

1 kaJohane 2:22

Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.

1 kwabaseKorinte 1:9

Uthembekile uNkulunkulu , okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Ukuphikisana ebandleni laseKorinte

1 uSamuweli 22:13

USawule wathi kuye : Ningenzeleleni ugobe , wena nendodana kaJese , ngokuyinika isinkwa nenkemba , uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele , ingiqamekele njenganamuhla, na?

1 uSamuweli 22:8

ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.

1 uSamuweli 25:8

Buza izinsizwa zakho , ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle ; ake unike izi nceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.

2 AmaKhosi 16:3

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 16:7

U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho : yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase -Aramu nasesandleni senkosi yakwa -Israyeli angivukelayo.

2 kaJohane 1:9

Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu ; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.

2 uSamuweli 14:16

Ngokuba inkosi iyakuzwa , yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.

AbAhluleli 8:22

Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni : Sibuse, wena nendodana yakho , nendodana yendodana yakho futhi , ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.

AbAhluleli 8:23

UGideyoni wathi ku bo: Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa ; nguJehova oyakunibusa.

AmaHubo 144:3

Jehova, uyini umuntu ukuba umazi , nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

AmaHubo 72:1

Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakh o nendodana yenkosi ukulunga kwakho.

AmaHubo 80:15

yebo, lo mvini otshalwe ngesokunene sakho, nendodana ozikhulisele yona.

AmaHubo 89:22

Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha.

AmaHubo 8:4

umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?

IsAmbulo 14:14

Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.

IsAmbulo 1:13

nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani , embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni;

IzEnzo 7:56

wathi: Bheka, ngibona izulu livuliwe , neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.

KumaHeberu 7:3

engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu , uhlala engumpristi njalonjalo.

KwabaseGalathiya 4:30

Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.

KwabaseRoma 1:3

mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,

KwabaseRoma 9:9

Ngokuba lingelesithembiso l eli zwi lokuthi : Ngalesi sikhathi ngizakufika ; khona uSara uzakuba nendodana.

NgokukaJohane 5:19

Khona uJesu waphendula , wathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : INdodana ingenze lutho ngokwayo , kuphela lokho ebona uYise ek wenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

NgokukaJohane 5:21

Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

NgokukaJohane 5:26

Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe , kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo.

NgokukaLuka 12:53

bayakwahlukana, uyise nendodana , indodana noyise ; unina nendodakazi , indodakazi nonina ; uninazala nomalokazana wakhe , umalokazana noninazala.

NgokukaLuka 12:8

Futhi ngithi kini : Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;

NgokukaMarku 8:38

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo , neNdodana yom untu iyakuba nezinhloni ngaye , lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.

NgokukaMathewu 12:32

Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhu luma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

NgokukaMathewu 12:40

Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu , kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

NgokukaMathewu 17:12

Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.

U-Amose 7:14

Wayesephendula u-Amose, wathi ku -Amasiya: Angisiye umprofethi mina , nendodana yompr ofethi angisiyo , kepha ngangingumalusi , ngangitshala imithombe.

U-Eksodusi 10:2

ukuze utshele indodana yakho ezindleben i nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe , nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.

U-Eksodusi 20:10

kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho ; awuyikusebenza msebenzi ngalo , wena nendodana yakho , nendodakazi yakho, nenceku yakho , nencekukazi yakho , nezinkomo zakho , nomfokazi osemzini wakho;

U-Eksodusi 32:29

Wayesethi uMose: Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.

U-Isaya 14:22

Ngiyakubavukela, usho uJehova Sebawoti , nginqume eBabele igama , nensali, nendodana, nomzukulwana, usho uJehova.

U-Isaya 51:12

Yimina, yimi enginguye oniduduzayo ; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

U-Isaya 56:2

Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho , ogcina isabatha engaloni , osibamba isandla sakh e ukuba singenzi nakuphi okubi.

U-Isaya 7:5

Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:

U-Isaya 8:6

Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane , bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,

UDuteronomi 12:18

kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho , wena nendodana yakho , nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.

UDuteronomi 16:11

wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

UDuteronomi 16:14

wename ngomkhosi wakho , wena nendodana yakho , nendodakazi yakho, nenceku yakho , nencekukazi yakho , nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.

UDuteronomi 5:14

kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho ; awuyikusebenza msebenzi ngalo , wena nendodana ya kho, nendodakazi yakho, nenceku yakho , nencekukazi yakho , nenkabi yakho , nembongolo yakho, nezinkomo zakho , nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho , ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.

UDuteronomi 6:2

ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho , ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho , wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho , kwandiswe imihla yakho.

UGenesise 17:26

U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye.

UGenesise 18:10

Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi ; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana . USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.

UGenesise 18:14

Kukhona into emahlula uJehova na ? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.

UGenesise 21:10

Wathi ku -Abrahama: Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.

UGenesise 21:23

Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNk ulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami ; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.

UJeremiya 27:7

Zonke izizwe ziyakumkhonza , yena nendodana yakhe , nendodana yendodana yakhe , kuze kufike isikhathi sezwe lakhe , izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.

UJeremiya 49:18

Njengasekuchithweni kweSodoma neGomor a nemizi yangakhona , usho uJehova, akuyikuhlala muntu khona , nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.

UJeremiya 49:33

IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka nencithakalo kuze kube phakade; akuyikuhlala muntu khona , nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona. Isiprofetho nge-Elamu

UJobe 16:21

ukuba amphikele umuntu kuNkulunkul u nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.

UJobe 25:6

Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu , nendodana yomunt u eyisibungu, na?

UJobe 35:8

Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe , nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.

ULevitikusi 21:2

ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye , okungukuthi unina , noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,