"nesithombe"
10 occurrences in ZUL
Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova , nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema , wakulahla ngaphandle komuzi.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka , bafika lapho , basithatha isithombe esibaziweyo , nengubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibunjiweyo ; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.
Labo sebengenile endlini kaMika basithatha isithombe esiba ziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wathi kubo: Nenzani na?
Yayisithokoza inhliziyo yompristi , wayithatha ingubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.
Bese kuba ngokomuntu ukuba abase ngakho ; uthatha kuwo , othe; uyawuphemba, enze isinkwa ; wenza unkulunkulu , akhuleke kuye , enze nesithombe esibaziweyo, akhothambele kuso.
Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe ; uyakhothamela kuso, akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: Ngophule; ungunkulunkulu wami.
ngazimemezela kwasendulo , ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi : Isithombe sami sizenzile , isithombe sam i esibaziweyo , nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.
Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu , kepha enikela nangegazi lezingulube , noshisa inhlaka , ebonga nesithombe , yebo, laba bakhethile izindlela zabo , nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.
Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza , nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga , lokhu umbumbi waso ethemba kuso , ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?