Skip to Content

"nethemba"

15 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:15

Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba ; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.

1 kaPetru 1:21

enikholwa nguNkulunkulu ngaye , owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

1 kaPetru 1:3

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,

2 kwabaseKorinte 1:7

Nethemba lethu ngani liqinile , sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.

2 kwabaseThesalonika 2:16

Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo , noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,

IsiLilo 3:18

Ngathi: Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.

IzAga 11:7

Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha.

IzAga 23:18

Ngokuba impela umvuzo ukhona, nethemba lakho aliyikunqunywa.

IzAga 24:14

Yazi uk uthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho ; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo , nethemba lakho aliyikunqunywa.

KwabaseRoma 15:4

Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kw alotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

U-Isaya 30:12

Ngalokho usho kanje oNgcwele ka -Israyeli, uthi: Njengokuba nilidelela leli zwi, nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo , nencike kukho,

UDuteronomi 28:66

ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho , wesabe ubusuku nemini , ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho;

UHoseya 10:13

Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga , ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.

UJeremiya 29:11

Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani , usho uJehova , imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.

UJobe 14:19

amanzi ayagubha amatshe ; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.