"neviyo"
6 occurrences in ZUL
Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini , uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu , nesigubhu, negenkle, nehabhu phambi kwabo, beprofetha;
Ngokuba impi yase -Aramu yafika neviyo elincane labantu , nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo , ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.
Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.
Lapho kukhona i -Asiriya neviyo lalo lonke , amathuna alo engakulo nxazonke, bonke bebulewe bewe ngenkemba,
ibe yisikhumb uzo kubantwana bakwa -Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka -Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova , angabi njengoKora neviyo lakhe , njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.
Yenzani lokhu: zithabatheleni imicengezi yomlilo , wena Kora neviyo lakho lonke,