Skip to Content

"nezinengiso"

9 occurrences in ZUL

2 iziKronike 36:8

Ezinye izindaba zikaJehoyakimi , nezinengiso azenzayo , nokunye okufumaniseke kuye, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa -Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

U-Ezra 9:1

Kwathi sekuphelile lokho , izikhulu zasondela kimi , zathi: Abantu bakwa- Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.

U-Isaya 66:17

Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube , nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye, usho uJehova.

UHezekeli 11:21

Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela izinhliziyo zokuzondekayo kwabo nezinengiso zabo , ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo indlela yabo , isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 16:58

Usuyathwala ukukhanuka kwakho nezinengiso zakho, usho uJehova.

UHezekeli 44:13

Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu , kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.

UJeremiya 13:27

Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho , ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho , ngikubonile emagqumeni asendle . Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?

UJeremiya 44:22

UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo , nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.

UZakariya 9:7

Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo , nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo , nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu , babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.