Skip to Content

"nezingane"

16 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 15:3

Hamba manje , unqobe u -Amaleki, uchithe impela konke anakho , ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa , nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.

2 iziKronike 20:13

Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova , nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.

2 iziKronike 31:18

Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo , nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo.

AbAhluleli 21:10

Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu , yabayala yathi: Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

U-Eksodusi 10:10

Wayesethi kubo : Makabe nani -ke uJehova , njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.

U-Isaya 3:4

Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo, nezingane ziyakubabusa.

UDuteronomi 29:11

nezingane zenu , nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu akho , kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,

UDuteronomi 2:34

Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi , sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;

UDuteronomi 3:6

Sayichitha sayiqeda , njengalokho senza kuSihoni inkosi yaseHeshiboni , sichitha siqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane.

UGenesise 43:8

UJuda wathi ku -Israyeli uyise : Thuma umfana nami , size sisuke , sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.

UGenesise 46:5

UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo , nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.

UGenesise 50:21

Ngalokho ningesabi ; mina ngiyakunondla , nina nezingane zenu . Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo. Ukufa kukaJosefa

UHezekeli 9:6

nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu , niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.

UJobe 19:18

Yebo, nezingane ziyangidelela; uma ngivuka, zikhuluma ngami.

UNahume 3:10

Nalo lamukiswa , laya ekuthunjweni , nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi ; benza inkatho ngezikhulu zalo , nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

UNumeri 16:27

Base bekhuphuka ekamu likaKora nelikaDathani nelika Abiramu nxazonke ; oDathani no-Abiramu baphuma, bema ngasemnyango wamatende abo kanye nawomkabo, namadodana abo, nezingane zabo.