Skip to Content

"nezinsuku"

10 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:65

USolomoni wagubha -ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u -Israyeli enaye, ibandla elikhulu , kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.

2 iziKronike 36:9

UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi eJerusalema ; wenza okubi emehlweni kaJehova.

2 uSamuweli 24:8

Sebedabule izwe lonke bafika eJerusalema ngasekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili.

AbAhluleli 2:7

Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.

U-Isaya 13:22

Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo , namakhanka ezindlini zamakhosi; siseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyikwandiswa.

U-Isaya 38:10

Ngathi: Ngiphakathi nezinsuku zam i ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.

U-Isaya 60:20

Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

UDuteronomi 11:21

ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona , njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

UJeremiya 17:11

Intendele efukamela ingazalanga , unjalo owenza ingcebo ngokungalungi ; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.

UmShumayeli 11:8

Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi , makathokoze ngayo yonk e, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyam a ukuthi njengokuba ziziningi , konke okufikayo kuyize. Iziluleko kwabasha