Skip to Content

"nezinyonga"

8 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 5:6

Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga, ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.

2 uSamuweli 5:8

UDavide wathi ngalolo suku: Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide ; ngalokho kuthiwa : Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.

NgokukaJohane 5:3

Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhul u, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.

NgokukaLuka 14:13

Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;

NgokukaLuka 14:21

Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo . Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe : Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi , ungenise lapha abampofu , nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.

NgokukaMathewu 21:14

Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.

U-Isaya 33:23

Izintambo zakho ziya xega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo , azinakumeneka useyili ; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo ; nezinyonga ziyakuthatha impango.

UJeremiya 31:8

Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho , ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga , abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye , babuyele lapha beyibandla elikhulu.