Skip to Content

"nga"

61 occurrences in ZUL

1 iziKronike 15:2

Khona uDavide wathi : Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela , ngokuba yiwona akhet hwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.

1 iziKronike 22:5

UDavide wathi: USolomoni in dodana yami usengumfana , usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu , ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke ; ngizakuyilungisela. Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.

1 iziKronike 29:2

Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami nga mandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu nawokufakwa , namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo , nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu , namatshe amhlophe amaningi.

1 kwabaseKorinte 5:2

Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila , ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.

1 uSamuweli 14:30

Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?

1 uSamuweli 15:19

Awulalelanga nga ni izwi likaJehova , kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?

1 uSamuweli 25:34

Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi , uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze , impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.

1 uSamuweli 4:8

Maye kithina ! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na ? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe nga zo zonke izifo ehlane.

2 uSamuweli 18:11

UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo : Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona , awele phansi , na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.

2 uSamuweli 18:33

Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!

AbAhluleli 13:23

Kepha umkakhe wathi kuye: Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho , nga engasitshelanga izinto njengalezi.

AbAhluleli 21:17

Athi: Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini , ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli.

AbAhluleli 9:29

Sengathi laba bantu nga besesandleni sami ; bengiyakumsusa u-Abimeleki. Wathi ku-Abimeleki: Yandisa impi yakho, uphume.

AmaHubo 105:19

Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka nga so izwi lakhe , izwi likaJehova lamhola.

EkaJakobe 4:15

Nga nisho nithi: Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:1

Sengathi nga unjengomfoweth u owancela amabele kamame ! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

IzAga 16:16

Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

IzEnzo 26:23

ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.

IzEnzo 2:45

bathengisa ngemfuyo nangempahla , babela bonke nga yo njengokuswela kwabo.

KumaHeberu 10:2

uma kwakungenjalo , nga ingayekwanga ukunikelwa na ? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.

KumaHeberu 2:1

Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.

NgokukaJohane 11:21

Wayesethi uMarta kuJesu : Nkosi, uma ubukhona , umnewethu nga engafanga;

NgokukaJohane 11:32

UMariya es efike lapho ekhona uJesu , embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.

NgokukaJohane 13:18

Angikhulumi ngani nonke ; ngiyabazi engibakhethileyo ; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi : Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.

NgokukaJohane 18:30

Baphendula, bathi kuye : Uma lona ebengesiye owenza okubi , nga singamlethanga kuwe.

NgokukaJohane 4:10

UJesu wap hendula, wathi kuye : Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe : Ngiphuzise, nga ucele kuye , yena nga ekunikile amanzi aphilayo.

NgokukaJohane 8:19

Base bethi kuye: Uphi uyihlo na? UJesu waphendula ngokuthi: Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.

NgokukaLuka 12:49

Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni ; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe.

NgokukaLuka 19:42

Wathi: Sengathi nga wa zi nawe ngalolu suku okokuthula . Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.

NgokukaLuka 7:39

Kuthe umFarisi obemmemile ekubona , wazindla wathi : Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.

NgokukaMarku 14:21

INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ek hashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.

NgokukaMarku 14:49

Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa , anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.

NgokukaMarku 14:5

Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiw e ngawodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu. Bamthukuthelela kakhulu.

NgokukaMathewu 12:7

Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.

NgokukaMathewu 18:33

nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe , njengokuba nami ngikuhawukele, na?

NgokukaMathewu 26:24

INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo , kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye ! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.

NgokukaMathewu 26:9

Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.

U-Eksodusi 16:3

Abantwana bakw a-Israyeli bathi kubo : Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe , lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama , sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala. Abantu basuthiswa ngezigwaca nangemana*

U-Eksodusi 20:25

Uma ungenzela i -altare nga matshe, awuyikulakha ngamatshe abaziweyo , ngokuba uma uphakamisela kulo ingwedo yakho, ulingcolisile.

U-Ezra 10:12

Lase liphendula lonke ibandla , lathi ngezwi elikhulu: Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza.

U-Ezra 9:14

singabuye saphule yini imiyalo yakho , sendiselane nalabo bantu abazenza lezi zinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho nsali nosindayo na?

U-Isaya 48:18

Sengathi nga ulalele imiyalo yami ! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

U-Isaya 48:19

nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi , nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso ; igama lakhe nga linganqunywanga , lachithwa ngaphambi kwami. Isiyalezo sokuphuma eBabele

U-Isaya 5:4

Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na ? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini , saveza izithelo zasendle, na?

UDaniyeli 9:13

Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele , nokho asincenga nga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.

UDaniyeli 9:2

ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli nga qonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema , iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

UDuteronomi 32:29

Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.

UGenesise 43:10

ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.

UHezekeli 33:5

Ukukhala kwecilongo wakuzwa , kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.

UHezekeli 43:8

bebeka umbundu wabo ngasembundwi ni wami , nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami , kube ludo nga kuphela phakathi kwami nabo , belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo , okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.

UHezekeli 7:23

Yenza iketa nga, ngokuba izwe ligcwele amacala egazi , nomuzi ugcwele ubudlova.

UJeremiya 23:22

Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami , bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo.

UJeremiya 9:1

Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.

UJeremiya 9:2

Sengathi nga nginendawo yokulal a kwezihambi ehlan e ukuba ngishiye abantu bami , ngisuke kubo , ngokuba bangabaphingi bonke , umhlangano wabakhohlisi.

UJobe 36:16

Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.

UJobe 6:14

Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe ; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.

UJoshuwa 3:17

Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqi na emhlabathini owomileyo nga phakathi neJordani , abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

UJoshuwa 7:7

UJoshuwa wathi: Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama -Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!

ULevitikusi 10:2

Kwaphuma umlilo nga phambi kukaJehova , wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.

UNumeri 14:2

Bonke abantwana bakwa -Israyeli bakhonona ngoMose nango -Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: Sengathi nga safa ezweni laseGibithe , noma sengathi nga safa kuleli hlane.

UNumeri 35:28

ngokuba nga ehlalile emzini wakhe wokuphephela waze wafa umpristi omkhulu; kepha emva kokufa kompristi omkhulu umbulali uyakubuyela ezweni eliyifa lakhe.