Skip to Content

"ngabuka"

9 occurrences in ZUL

IzAga 24:32

Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:

UDaniyeli 7:8

Ngabuka izimpondo ; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo , oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka , kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu , nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

UHezekeli 44:4

Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho ; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa i ndlu kaJehova , ngawa ngobuso bami.

UJeremiya 4:23

Ngabuka umhlaba ; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.

UJeremiya 4:24

Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama; onke amagquma anyakaza.

UJeremiya 4:25

Ngabuka; bheka, kwakungekho muntu; izinyoni zonke zezulu zazibalekile.

UJeremiya 4:26

Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane , nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

UNehemiya 2:13

Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku , ngaya eMthonjeni kaDrako naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.

UNehemiya 2:15

Ngangikhuphula umfudlana ebusuku , ngabuka ugange , ngaphenduka, ngangena ngeSango Lesigodi, ngaphindela emuva.