Skip to Content

"ngakhuluma"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:6

Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.

1 iziKronike 17:6

Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u -Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa -Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami , ngathi: Aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?

2 kwabaseKorinte 4:13

Lokhu sinawo lo moya wokukholwa , njengokulotshiweyo ukuthi : Ngakholwa, ngakho ngakhuluma, nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,

2 uSamuweli 7:7

Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo nakubo bonke abantwana bakwa - Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwa -Israyeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami u -Israyeli ukuthi: Aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?

AmaHubo 39:3

Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami ; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami.

NgokukaJohane 15:22

Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.

UDaniyeli 10:16

Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami ; ngase ngiwuvula umlomo wami , ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami : Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

UDuteronomi 1:43

Ngakhuluma-ke kanj alo kini , analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.

UDuteronomi 1:9

Ngakhuluma kini ngaleso sikhathi, ngathi: Anginakunithwala mina ngedwa;

UJeremiya 22:21

Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: Angizwa. Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami.

UJeremiya 27:12

Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi , ngathi: Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.

UJeremiya 7:13

Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi , usho uJeho va, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,

UJoshuwa 1:3

Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose.

UmShumayeli 1:16

Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu , ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema , yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.