Skip to Content

"ngakusasa"

10 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:35

Kwathi ngalobo busuku kw aphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.

AbAhluleli 21:4

Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni , bakha khona i -altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.

AmaHubo 49:14

Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa , abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa , isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

U-Eksodusi 16:13

Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca , zasibekela ikamu ; ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.

U-Eksodusi 24:4

UMose wabhala onke amazwi kaJehova , wavuka ekuseni ngakusasa , walakha i -altare phansi kwentaba , nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

U-Eksodusi 32:6

Bavuka ekuseni ngakusasa , banikela ngeminikelo yokushis wa, baletha iminikelo yokuthula ; abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze; bavuka ukuyodlala. Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose

U-Isaya 37:36

Kwaphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase -Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.

UGenesise 44:3

Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo.

UJeremiya 20:3

Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini . UJeremiya wayesethi kuye: UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi u Phashuri kepha uMagori Misabibi.

ULevitikusi 23:11

yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.