Skip to Content

"ngalobo"

25 occurrences in ZUL

1 iziKronike 17:3

Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:

1 iziKronike 21:15

UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.

1 kwabaseKorinte 11:23

Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho , nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,

1 uSamuweli 14:34

Wathi uSawule : Hlakazekelani phakathi kwabantu , nithi kubo : Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi . Bonke abantu baletha , kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo b usuku ngesandla sakhe , bazihlaba khona.

1 uSamuweli 19:10

USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni , kepha wanyelela ebusweni bukaSawule , wagwaza ngomkhonto odongeni ; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

1 uSamuweli 28:25

wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe , badla. Base besuka bahamba ngalobo busuku.

2 AmaKhosi 19:35

Kwathi ngalobo busuku kw aphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.

2 iziKronike 1:7

Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.

2 uSamuweli 24:16

Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha , uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

2 uSamuweli 7:4

Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi:

AbAhluleli 6:25

Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: Thatha iduna likayihlo nenye inkunzi eneminyaka eyisikhombisa , ubhidlize i -altare likaBali uyihlo analo , ugawule u-Ashera ongakulo,

AbAhluleli 6:40

Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku , ngokuba kwakomile eboyeni bodwa, kepha emhlabathini wonke kwakukhona amazolo.

AbAhluleli 7:9

Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.

IzEnzo 12:6

Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa , ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili , eboshiwe ngamaketanga amabili , nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.

NgokukaJohane 18:23

UJesu wasiphendula wathi : Uma ngikhulume kabi , fakaza ngalobo bubi ; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?

NgokukaJohane 21:3

USimoni Petru wathi kubo: Ngiya kodoba. Bathi kuye: Nathi sihamba nawe. Base bephuma , bangena emkhunjini ; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.

NgokukaLuka 17:34

Ngithi kini : Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye ; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.

U-Eksodusi 12:12

Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe , abantu nezinkomo , ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.

U-Eksodusi 12:8

Bazakuyidla inyama ngalobo busuku , yosiwe ngomlilo ; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

U-Esteri 6:1

Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini , yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla , zafundwa p hambi kwenkosi.

UDaniyeli 5:30

Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.

UGenesise 19:33

Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini ; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

UGenesise 30:16

Kusihlwa uJakobe esebuya endle , uLeya waya ukumhlangabeza , wathi: Ngena kimi , ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami. Wayeselala naye ngalobo busuku.

UJoshuwa 8:13

Sebehleliwe abantu , lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ab abengasentshonalanga komuzi , uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi.

UNumeri 14:1

Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo , yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.