Skip to Content

"ngamadoda"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 9:22

Kodwa kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi , nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

1 iziKronike 26:7

Amadodana kaShemaya : ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.

1 kuThimothewu 3:12

Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye , abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.

1 kwabaseKorinte 16:13

Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

1 uSamuweli 4:9

Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu , njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!

AbAhluleli 20:15

Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili n esithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo.

AbAhluleli 20:17

Abantu bakwa -Israyeli ngaphandle kukaBenjamini babalwa baba yizinkulungwane ezingamakhulu amane , amadoda ahlome inkemba ; bonke labo babe ngamadoda empi.

IzAga 25:1

Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.

IzEnzo 19:7

Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke.

NgokukaMarku 6:44

Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu. UJesu uhamba phezu kolwandle (Math. 14:22; Joh. 6:16)

UHezekeli 16:45

Uyindodakazi kanyoko owanengwa yindoda yakhe nabantwana bakhe ; ungudade wawodadewenu abanengwa ngamadoda abo nabantwana babo ; unyoko wayengumHetikazi, uyihlo wayengumAmori.

UHezekeli 9:6

nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu , niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.

UMika 7:6

Ngokuba indodana idelela uyise ; indodakazi ivukela unina ; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

UNumeri 31:32

Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezinga makhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,