Skip to Content

"ngamasabatha"

13 occurrences in ZUL

1 iziKronike 23:31

nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;

2 iziKronike 2:4

Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona , ngishise ph ambi kwakhe impepho ethaphukayo , kubekwe njalo izinkwa zokubukwa , kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha , nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu . Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

2 iziKronike 36:21

ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya , lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa. Isimemezelo sikaKoresi

2 iziKronike 8:13

njengokudingekayo imihla ngemihla , enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo , kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

IzEnzo 13:27

Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena , namazwi abaprofethi afundwa amasaba tha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;

IzEnzo 15:21

Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni amasabatha ngamasabatha.

IzEnzo 18:4

Washumayela esinagogeni ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.

UHezekeli 46:3

Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.

ULevitikusi 23:15

Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha , ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa , kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;

ULevitikusi 24:8

Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo ; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.

ULevitikusi 26:34

Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu ; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.

ULevitikusi 26:35

Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula , lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.

ULevitikusi 26:43

Izwe liyakushiywa yibo , lithokoze ngamasabatha alo , lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi b abo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.