Skip to Content

"ngamazwi"

53 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:6

Yathi enkosini: Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.

1 AmaKhosi 10:7

Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika , kwabona amehlo ami ; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa.

1 iziKronike 23:27

Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide , kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

1 iziKronike 25:5

bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenk osi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe ; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.

1 kuThimothewu 4:6

Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane , uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo;

1 kuThimothewu 6:4

ukhukhumele lowo engaqondi lutho , kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu , nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,

1 kwabaseKorinte 2:4

nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo , kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,

2 AmaKhosi 22:13

Hambani ningibuzele kuJehova , mina nabantu , naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 29:15

Babutha abafowabo , bazingcwelisa, bangena njengesiyalezo senkosi ngamazwi kaJehova ukuba bayihlambulule indlu kaJehova.

2 iziKronike 29:30

UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni . Badumisa ngokuthokoza , bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.

2 iziKronike 34:21

Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu , ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 9:5

Yathi enkosini: Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi a kho nangokuhlakanipha kwakho.

2 iziKronike 9:6

Kepha angikholwanga ngamazwi abo , ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho ; uyadlula udumo engaluzwayo.

2 kaPetru 2:3

nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili , abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.

2 kuThimothewu 2:14

Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukub a bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.

2 kwabaseKorinte 10:11

Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nx a singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.

3 kaJohane 1:10

Ngalokho uma ngiza , ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo , esihleba ngamazwi amabi ; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.

AbAhluleli 16:16

Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe , emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.

AmaHubo 106:12

Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.

AmaHubo 109:3

Bangizungeza ngamazwi enzondo; balwa nami, kungekho sizathu.

IzAga 14:15

Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke , kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.

IzAga 19:7

Bonke abazalwane bompofu bayamzonda ; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho.

IzAga 29:19

Inceku ayisolwa ngamazwi, ngokuba noma iqonda ayilaleli.

IzAga 29:20

Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na ? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.

IzAga 6:2

ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,

IzAga 7:21

Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle ; ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.

IzEnzo 15:24

Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona,

IzEnzo 15:32

OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

IzEnzo 18:15

kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi , nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.

IzEnzo 20:2

Esedabulile lezo zindawo , ebavuselela ngamazwi amaningi , wafika ezweni lamaGreki,

IzEnzo 7:22

UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe ; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe.

Kwabase-Efesu 5:6

Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize , ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.

KwabaseKolose 2:4

Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga.

NgokukaJohane 5:47

Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe , niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?

NgokukaLuka 1:20

Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu , ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.

NgokukaLuka 23:9

Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho.

NgokukaLuka 4:22

Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: Lo akasiyo indodana kaJosefa na?

NgokukaMarku 10:24

Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 12:37

Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa. Abafuna izibonakaliso (Mark. 8:11; Luk. 11:29)

NgokukaMathewu 4:4

Kepha waph endula wathi : Kulotshiwe ukuthi : Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

U-Ezra 9:4

Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka - Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa ; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.

U-Isaya 32:7

Izikhali zomkhohlisi zimbi ; uhlela amacebo amabi , ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

U-Isaya 50:4

INkosi uJehova inginikile ulimi l wabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.

UHezekeli 3:4

Wayesethi kimi : Ndodana yomuntu , hamba uye endlini yakwa -Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami.

UHoseya 6:5

Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi , ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.

UJobe 15:3

Aphikisane ngamazwi angasizi lutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?

UJobe 19:2

Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?

UJobe 32:15

Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.

UJobe 35:4

Ngizakukuphendula mina ngamazwi, wena nabangane bakho.

UJobe 38:2

Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na?

UMalaki 2:17

Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu . Nokho nithi: Simkhathaze kanjani? Ngokusho ukuthi : Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova ; yena uthokoza ngabo, noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?

UNumeri 12:8

ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala , kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona ; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?

UZakariya 1:13

UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle , amazwi amnandi.