Skip to Content

"ngasekugcineni"

26 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 9:27

Besehlela ngasekugcineni komuzi , uSamuweli wathi kuSawule: Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu -- yadlula-ke -- kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.

2 iziKronike 18:2

Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku -Ahabi eSamariya . U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi , wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.

2 iziKronike 8:1

Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe,

IzAga 23:32

Ngasekugcineni liyaluma njengenyoka, lihlabe njengebululu.

U-Isaya 14:13

Wena wathi enhliziyweni yakho : Ngiyakukhuphukela ezulwini , ngiphakamise isihlalo sami sobukhos i phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.

U-Isaya 7:3

Kepha uJehova wathi ku -Isaya: Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,

UDaniyeli 1:15

Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle , babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

UDaniyeli 1:18

Ngasekugcineni kwezinsuku inkosi eyayishilo ukuthi bazakungeniswa ngazo, induna yabathenwa yabangenisa phambi kukaNebukadinesari.

UDaniyeli 1:5

Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo beme phambi kwenkosi.

UDaniyeli 4:29

Ngasekugcineni kwezinyanga eziyishumi nambili wayehamba endlini yamakhosi eBabele.

UDaniyeli 4:34

Ngasekugcineni kwezinsuku mi na Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini , nomqondo wami wabuyela kimi , ngambonga oPhezukonke , ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade . Ngokuba ukubus a kwakhe kungukubusa okuphakade , nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

UDaniyeli 4:8

Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami , okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

UDuteronomi 14:28

Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka , ukubekelele phakathi kwamasango akho;

UDuteronomi 15:1

Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo uyakwenza uyekelo.

UDuteronomi 31:10

UMose wabayala wathi : Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo , ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,

UDuteronomi 8:16

wakupha imana ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,

UGenesise 33:2

Wabeka izincekukazi n abantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.

UHezekeli 38:6

iGomere nawo onke amaviyo alo , indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.

UHezekeli 39:14

Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe , bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.

UJeremiya 13:6

Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.

UJeremiya 17:11

Intendele efukamela ingazalanga , unjalo owenza ingcebo ngokungalungi ; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.

UJeremiya 34:14

Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela , kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuw e, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe , nimdedele, akhululeke kini . Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.

UJoshuwa 15:5

Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani;

UJoshuwa 15:8

wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu , eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

UJoshuwa 18:19

umkhawulo wadlula , waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho , ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.

URuthe 3:7

UBowazi wadla waphuza , inhliziyo yakhe yathokoza , waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele ; wafika kahle , wambula izinyawo zakhe, walala.