Skip to Content

"ngasezulwini"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:22

USolomoni wema phambi kwe -altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,

1 AmaKhosi 8:54

Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe , izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.

2 iziKronike 32:20

UHezekiya inkosi no -Isaya umprofethi , indodana ka -Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini.

2 iziKronike 6:13

ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu ; walimisa phakathi negceke , wema kulo , wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa -Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,

AbAhluleli 13:20

Kwathi ilangabi lisaphuma e -altare lenyukela ngasezulwini , ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le -altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.

AbAhluleli 20:40

Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini , abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.

NgokukaLuka 18:13

Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe , ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.

NgokukaLuka 9:16

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.

NgokukaMarku 6:41

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa , wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.

NgokukaMarku 7:34

wabheka ngasezulwini , wabubula, wathi kuso : Efatha! okungukuthi: Vuleka!

NgokukaMathewu 14:19

Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

U-Eksodusi 10:21

UJehova wayesethi kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.

U-Eksodusi 10:22

UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.

U-Eksodusi 9:10

Base bethatha umlotha waseziko , bema phambi kukaFaro ; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni.

U-Eksodusi 9:22

Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe , phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.

U-Eksodusi 9:23

UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini ; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.

U-Eksodusi 9:8

UJehova wayesethi kuMose naku -Aroni: Caphunani izinkweshe zomlotha waseziko uMose awusakazele ngasezulwini phambi kukaFaro.

UGenesise 15:5

Wamphumisela ngaphandle, wathi: Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala. Wathi kuye: Kuyakuba njalo inzalo yakho.

UJobe 35:5

Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.

UJoshuwa 8:20

Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini ; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.