Skip to Content

"ngenhliziyo"

83 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:66

Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu , bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula , bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.

1 AmaKhosi 9:4

Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho , ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,

1 iziKronike 28:21

Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.

1 iziKronike 28:9

Wena Solomoni , ndodana yami , yazi uNkulunkulu kayihlo , umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo , ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke , uqonda zonke izizindlo zemicabango ; uma umfuna , uyakufunyanwa nguye ; kepha uma umshiya , uyakukulahla kuze kube phakade.

1 iziKronike 29:14

Ngokuba ngingubani mina , nabantu bami , bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na ? Ngokuba konke kuvela kuwe , nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.

1 iziKronike 29:6

Zase zinikela ngenhliziyo izikhulu zawoyise , nezikhulu zezizwe zakwa - Israyeli, nezinduna zezinkulungwane nez amakhulu kanye nezinduna zomsebenzi wenkosi;

1 iziKronike 29:9

Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo , ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu. Ukubonga nokukhuleka kukaDavide

1 kaPetru 1:22

Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso , nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,

1 kaPetru 5:2

Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu , kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu , kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,

1 uSamuweli 12:24

Yesabani uJehova kuphela , nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke , ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.

2 iziKronike 17:16

emva kwakhe kwakungu -Amasiya indodana kaZikiri , owazinikela ngenhliziyo kuJehova , enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;

2 iziKronike 22:9

Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke . Indlu ka -Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso. U-Athaliya ungumbusi

2 kuThimothewu 2:22

Kepha balekela izinkanuko zobusha , ujonge ukulunga , nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.

AbAhluleli 5:2

Ngokuba abaholi beholil e kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova.

AbAhluleli 5:9

Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova.

AmaHubo 101:2

Ngizakuqaphelisisa indlela en genacala. Uyakuza nini kimi na ? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.

AmaHubo 109:16

Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa , kepha wazingela umuntu odingayo nompofu nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.

AmaHubo 111:1

Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonk e emhlanganweni nasebandleni labaqotho.

AmaHubo 119:10

Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke ; mangingaphambuki emiyalweni yakho.

AmaHubo 119:145

Ngikhala ngenhliziyo yami yonke ; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina.

AmaHubo 119:2

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,

AmaHubo 119:34

Ngiphe ingqondo , ukuze ngiqaphele umthetho wakho , ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

AmaHubo 119:58

Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke ; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.

AmaHubo 119:69

Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.

AmaHubo 11:2

Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 138:1

Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke ; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.

AmaHubo 32:11

Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 36:10

Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo , nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 64:10

Olungileyo uyakujabula kuJehova , aphephele kuye ; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

AmaHubo 76:5

Bachithekile abaqinile ngenhliziyo , balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

AmaHubo 7:10

Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 86:12

Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkul u wami, ngenhliziyo yonke yami , ngidumise igama lakho kuze kube phakade.

AmaHubo 94:15

Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni , bonke abaqot ho ngenhliziyo bakulandele.

IzAga 10:8

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo , kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.

IzAga 12:8

Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwa khe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.

IzAga 14:14

Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe , nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

IzAga 16:21

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo , nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

IzAga 16:5

Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova ; impela abayikuyekwa.

IzAga 22:11

Othanda inhlanzeko ngenhliziyo nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.

IzAga 27:9

Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo ; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.

IzEnzo 17:11

Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika , balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.

IzEnzo 28:27

ngokuba inhliziyo yalesi sizw e seyaba buthuntu ; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.

IzEnzo 8:37

UFiliphu wathi kuye : Uma ukholwa ngenhliziyo yonke , kungenziwa. Waphendula wathi : Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.

KumaHeberu 10:22

masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi , umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;

Kwabase-Efesu 6:6

ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu , kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo,

KwabaseFilipi 1:15

Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle;

KwabaseKolose 3:23

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,

KwabaseRoma 10:10

ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga , ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

KwabaseRoma 12:10

thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane ; ekwazisaneni nandulelane;

KwabaseRoma 6:17

Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo

NgokukaJohane 12:40

Uphuphuthekisile amehlo abo , wayenza lukhuni inhliziyo yabo , funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.

NgokukaLuka 8:15

Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi , balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.

NgokukaMarku 12:33

futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke , nangengqondo yonke , nangamandla onke , nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.

NgokukaMathewu 11:29

Bekani ijoka lami phezu kwenu , nifunde kimi , ngokuba ngimnene , ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.

NgokukaMathewu 13:15

ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni , bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.

U-Eksodusi 28:3

Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo en gibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika -Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.

U-Eksodusi 31:6

Bheka, mina ngimisile kanye naye u -Oholiyabe indodana ka -Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho:

U-Eksodusi 35:10

Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze , bakwenze konke uJehova akuyalileyo:

U-Eksodusi 35:25

Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo , baletha okuphothiweyo , okuluhlaza nokububende nokubomvu , nelineni elicolekileyo.

U-Eksodusi 36:1

OBesaleli no -Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu e ngcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.

U-Eksodusi 36:2

UMose wababiza oBesaleli no -Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo , bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.

U-Eksodusi 36:8

Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo phakathi kwabo abasebenza umsebenzi benza itabernakele ngezilenge eziyishumi , bazenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , zinamakherubi, umsebenzi wengcweti.

U-Ezra 1:6

Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva , nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.

U-Ezra 2:68

Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;

U-Ezra 3:5

nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe , neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova.

U-Isaya 19:10

Izisekelo zalo ziyakwaphulwa , bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.

U-Isaya 24:7

Iwayini elisha liyalila , umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

U-Isaya 30:29

Niyakuhlabelela njengasebusuk u lapho kugujwa umkhosi , nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshing o kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

U-Isaya 46:12

Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.

U-Isaya 6:10

Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale , nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo , funa babone ngamehlo abo , bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.

UHezekeli 14:5

ukuze ngibambe indlu yakwa -Israyeli ngenhliziyo yabo , ngokuba bo nke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.

UHezekeli 44:7

lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele , bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami , nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.

UHezekeli 44:9

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

UJeremiya 24:7

Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova ; bayakuba ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo , ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.

UJeremiya 29:13

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.

UJeremiya 3:10

Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo , uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje, usho uJehova.

UJobe 36:13

Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.

UJobe 37:24

Ngalokho abantu bayamesaba ; kepha akanaki abazishaya izihlakani phi ngenhliziyo.

UJoweli 2:12

Kepha manje, usho uJehova, phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke , nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.

UNehemiya 11:2

Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.

UNumeri 24:13

Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide , anginakulidlula izwi likaJ ehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma, na?

UZefaniya 3:14

Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.

UmShumayeli 9:7

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo , uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.