Skip to Content

"ngentonga"

10 occurrences in ZUL

AmaHubo 2:9

Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.

IsAmbulo 12:5

Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.

IsAmbulo 19:15

Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali , ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi ; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

IsAmbulo 2:27

uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;

IsiLilo 3:1

Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe.

U-Isaya 10:24

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: We bantu bami, enakhe eSiyoni, ningalesabi i-Asiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

U-Isaya 11:4

Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga , anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba , awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe , abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.

UMika 7:14

Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakh o ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli ; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.

UNumeri 20:11

UMose waphakam isa isandla sakhe , walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi , inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo.

UNumeri 21:18

umthombo ezawumba izikhulu , abawugubha abakhulu babant u ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo. Basuka ehlane, baya eMathana.