Skip to Content

"ngentukuthelo"

31 occurrences in ZUL

AmaHubo 21:9

Uyakubenza babe njengesithando somlilo , nxa ubonakalisa ubuso bakho ; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.

AmaHubo 2:5

Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi:

AmaHubo 38:1

Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

AmaHubo 56:7

Bayakuphunyuka yini ebubini babo na ? Diliza izizwe ngentukuthelo , Nkulunkulu.

AmaHubo 6:1

Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

AmaHubo 7:6

Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.

AmaHubo 90:9

Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho ; siyafeza iminyaka yethu njengephefu.

IsiLilo 2:1

Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyon i amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka -Israyeli emhlabeni busuke ezulwini , angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.

IsiLilo 2:2

INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.

IsiLilo 3:66

Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

U-Isaya 13:13

Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu, umhlaba unyakaziswe endaweni yawo, ngentukuthelo kaJehova Sebawoti ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.

U-Isaya 14:6

eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga.

U-Isaya 54:8

Ngentukuthelo echichimay o ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana , kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela , usho uJehova uMhlengi wakho.

U-Isaya 60:10

Abezizwe bayakuzakha izingange zakho , amakhosi abo akukhonze ; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, sengiyakuhawukela ngomusa wami.

U-Isaya 63:3

Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.

U-Isaya 63:6

Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami, ngabachoboza ngokufutheka kwami, ngathululela phansi igazi labo.

U-Isaya 9:19

Ngentukuthelo kaJehova Sebawot i izwe lishisiwe ; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.

UDuteronomi 29:23

nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe , liyisibabule nosawoti , lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo , lingenambali ekhahlelayo , linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;

UHezekeli 13:13

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami , kube yimvula ekh ukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.

UHezekeli 22:20

Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami , nginibeke khona, nginincibilikise.

UHezekeli 5:15

Kuyakuba yihlazo , nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.

UHoseya 13:11

Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.

UJeremiya 10:10

Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso , unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade ; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama , izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

UJeremiya 10:24

Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.

UJeremiya 32:37

Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yam i, nangokufutheka kwami , nangolaka olukhulu , ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,

UJeremiya 33:5

Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.

UJobe 21:17

Kukangaki isibani sababi sicimeka , nengozi ibehlela , babelwe izabelo ngentukuthelo, na?

UJobe 36:33

Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.

UJobe 9:5

yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;

UMika 5:15

Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufuthek a kuzo izizwe ezingalalelanga.

UZakariya 1:15

Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo , ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.