Skip to Content

"ngenyukele"

5 occurrences in ZUL

1 iziKronike 14:10

uDavide wabuza kuNkulunkulu , wathi: Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.

2 AmaKhosi 18:25

Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kule ndawo ukuba ngiyichithe na? UJehova wathi kimi: Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.

2 uSamuweli 19:34

Wayesethi uBarizilayi enkosini : Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ukuba ngenyukele eJerusalema nenkosi na?

2 uSamuweli 2:1

Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka. Wathi uDavide: Ngenyukelephi na? Wathi: EHebroni.

U-Isaya 36:10

Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kuleli zwe ukuba ngilichithe, na? UJehova wathi kimi: Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.