Skip to Content

"ngephupho"

8 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:5

EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.

NgokukaMathewu 2:12

Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode , zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

NgokukaMathewu 2:13

Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho , ithi: Vuka uthabathe umntwana nonina , ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.

NgokukaMathewu 2:19

Kepha uHerode esefile , bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:

NgokukaMathewu 2:22

Kepha ezwa ukuthi sekubusa u -Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;

UGenesise 20:3

Kepha uNkulunkulu weza ku -Abimeleki ngephupho ebusuku , wathi kuye: Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.

UJobe 20:8

Uyakundiza nje ngephupho, angabe esafunyanwa ; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.

UNumeri 12:6

Wayesethi: Yizwani manje amazwi ami : uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.