Skip to Content

"ngeqiniso"

33 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:6

USolomoni wathi : Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso , nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe , wamgcinela futhi lowo musa omkhulu , wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi , njengokuba kunjalo namuhla.

1 uSamuweli 12:24

Yesabani uJehova kuphela , nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke , ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.

2 AmaKhosi 20:3

Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho . Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

2 iziKronike 19:9

wabayala wathi : Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova , ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.

2 kaJohane 1:1

Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo , engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,

2 kaJohane 1:3

Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando. Ukuyala ngothando

3 kaJohane 1:1

Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.

AmaHubo 111:8

imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.

AmaHubo 145:18

UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.

AmaHubo 72:2

Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.

IzAga 29:14

Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso , isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.

IzEnzo 12:11

UPetru esesangulukile wathi : Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo , yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.

Kwabase-Efesu 6:14

Ngakho yimani izinkalo z enu ziboshiwe ngeqiniso , nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,

KwabaseKolose 1:6

elifikile kini , njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo , landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu , kusukela osukwini enezwa ngalo , nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,

NgokukaJohane 17:17

Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

NgokukaJohane 17:19

Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.

NgokukaJohane 4:18

ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu ; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.

NgokukaMarku 12:14

Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?

NgokukaMarku 12:32

Umbhali wayesethi kuye : Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye , ayikho enye ngaphandle kwayo;

NgokukaMathewu 22:16

Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode , bathi: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile , ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso ; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

U-Isaya 10:20

Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa -Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe bangasenciki kobashayileyo , kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.

U-Isaya 16:5

kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

U-Isaya 38:3

wathi: Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho. Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

U-Isaya 42:3

Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima; uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.

U-Isaya 59:4

Akakho ome meza ngokulunga , akakho owahlulela ngeqiniso ; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.

U-Isaya 61:8

Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga , ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso , ngenze isivumelwano esiphakade nabo.

UJeremiya 23:28

Umprofethi onephupho makalilandise iph upho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso . Amakhoba ayini kukolweni na ? usho uJehova.

UJeremiya 26:15

Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala , niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu , naphezu kwalo muzi , naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.

UJeremiya 32:41

Ngiyakuthokoza ngabo , ngibenzele okuhle , ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.

UJeremiya 4:2

Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: Kuphila kukaJehova, izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.

UJobe 9:2

Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo , kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?

UNehemiya 9:33

Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo , ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;

UZakariya 8:8

ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema , babe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.