Skip to Content

"ngesinkwa"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:13

Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni , ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?

1 AmaKhosi 18:4

ngokuba kwathi lapho u -Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu , wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.

1 kwabaseKorinte 5:8

Njalo-ke masigubhe umkhosi , kungabi ngemvubelo endala , kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.

AmaHubo 105:40

Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.

AmaHubo 132:15

Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo ; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.

IzAga 20:13

Ungathandi ubuthongo , funa ufikelwe ngubumpofu ; vula amehlo akho , uyakusutha ngesinkwa.

NgokukaMathewu 16:11

Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na ? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.

UDuteronomi 23:4

ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe , nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

UDuteronomi 8:3

Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova , yikho umuntu aphila ngakho.

UHezekeli 44:7

lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele , bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami , nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.

ULevitikusi 21:17

Yisho ku -Aroni, uthi: U muntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

ULevitikusi 21:21

akungabikho muntu wenzalo ka -Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova ; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

ULevitikusi 21:8

Ngalokho uyakumngcwelisa , ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe , ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.

UMalaki 1:7

Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami. Bese nithi: Sikungcolise ngani na? Ngokusho kwenu ukuthi: Itafula likaJehova lidelelekile.

UNehemiya 13:2

ngokuba abahlangabezanga abakwa -Israyeli ngesinkwa namanzi , kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise ; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.