Skip to Content

"ngibone"

31 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 20:29

wathi: Ake ungivumele ukuba ngihambe , ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini ; umfowethu ungiyalile ; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mangihambe ngibone abafowethu . Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.

2 AmaKhosi 9:26

lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.

2 uSamuweli 18:10

Umuntu othile wakubona , wamtshela uJowabe, wathi: Bheka, ngibone u - Abisalomu ephanyekekile e-okini.

AmaHubo 106:5

ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho , ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.

AmaHubo 119:18

Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.

AmaHubo 37:25

Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.

AmaHubo 63:2

Kanjalo ngikubheka endlini engcwele , ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

IsAmbulo 1:12

Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide,

KwabaseFilipi 2:25

Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami , nesithunywa senu , isikhonzi ekusweleni kwami,

NgokukaLuka 18:41

Ufuna ukuba ngikwenzeleni na? Yathi: Nkosi, ukuba ngibone.

NgokukaMarku 10:51

UJesu washo kuyo , wathi: Ufuna ukuba ngikwenzeleni na ? Impumputhe yathi kuye: Rabuni, ukuba ngibone.

U-Eksodusi 10:29

Wathi uMose: Ukhulume kahle; angisayikubuye ngibone ubuso bakho.

U-Eksodusi 33:18

Wayesethi: Ake ngibone inkazimulo yakho.

U-Eksodusi 3:3

Wayesethi uMose: Mangiphambuke, ngiye ngibone lesi sibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.

U-Eksodusi 4:18

Wayesehamba uMose , wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe , wathi kuye : Ake ngihambe , ngibuyele kubafowethu abaseGibithe , ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula.

UDuteronomi 32:20

Wayesethi: Ngiyakubafihlela ubuso bami , ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini ; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo , abantwana okungekho kubo ukukholwa.

UGenesise 18:21

Ngalokho ngiyakwehla , ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.

UGenesise 31:12

Yayisithi: Awuphakamise amehlo akho , ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

UGenesise 32:20

Niyakukhuluma nithi : Futhi bheka , inceku yakho uJakobe iyeza , isemva kwethu. Ngokuba wathi : Ngizakumthoba ngalesi sipho esihamba pha mbi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.

UGenesise 33:10

UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.

UGenesise 41:19

Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo , zizacile, zibukeka kabi kakhulu , zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.

UGenesise 44:34

Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba , umfana engenami , funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?

UGenesise 46:30

U-Israyeli wayesethi kuJosefa : Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.

UHoseya 9:13

U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

UJeremiya 20:18

Ngaphumelani esiswini ukuba ngibone umshikashika nosizi, ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

UJobe 31:19

uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho , kungekho okokuzimboza kompofu;

UJobe 31:26

uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula , nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

UMika 7:9

Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova , ngokuba ngonile kuye , aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa , angiphumisele ekukhanyeni , ngibone ukulunga kwakhe.

UZakariya 2:2

Ngathi: Uya ngaphi? Wathi kimi: Ngiya ukulinganisa iJerusalema , ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.

UmShumayeli 2:12

Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na?

UmShumayeli 2:3

Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.