Skip to Content

"ngibonile"

19 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 16:18

Kwaphendula enye insizwa , yathi: Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha , eyiqhawe elinamandla , eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.

1 uSamuweli 9:16

Kusasa ngalesi sikhath i ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u -Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti , ngokuba ngibonile abantu bami , lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.

2 AmaKhosi 20:5

Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.

AbAhluleli 14:2

Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina , wathi: Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti ; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.

AbAhluleli 6:22

Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova ; uGideyoni wathi : Maye, Nkosi Nkulunkulu ! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.

AmaHubo 119:96

Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke , kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.

AmaHubo 55:9

Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo , ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.

NgokukaJohane 1:32

UJohane wafakaza wathi : Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba , wahlala phezu kwakhe.

NgokukaJohane 1:34

Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu. Abafundi bokuqala

U-Eksodusi 3:16

Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe , ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokuniha mbela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.

U-Eksodusi 3:7

Wayesethi uJehova : Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo , ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;

U-Isaya 38:5

Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

U-Isaya 44:16

Ushisa inxenye yawo emlilweni ; phezu kwale nxenye uyadla inyama , ose izoso, asuthe; yebo, uyotha athi: Halala! Sengifudumele, ngibonile umlilo.

UHoseya 6:10

Endlini yakwa-Israyeli ngibonile into eyesabekayo : kukhona ubufebe kwa- Efrayimi, u-Israyeli ungcolile.

UJeremiya 23:13

Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula : baprofetha ngoBali , bedukisa abantu bami u-Israyeli.

UJeremiya 23:14

Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo : bayaphinga, bahamba ngamanga , baqinisa izandla zababi , ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe ; bonke banjengeSodoma kimi , nabakhileyo kulo banjengeGomora.

UJobe 5:3

Mina ngibonile isiwula sigxilile , kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

UmShumayeli 10:7

Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi , nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.

UmShumayeli 3:10

Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.