Skip to Content

"ngingujehova"

158 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:13

Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Uyasibona sonke lesi sixuku na ? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.

1 AmaKhosi 20:28

Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: Usho kanje uJehova , uthi: Ngokuba ama -Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba , kasiye unkulunkulu wezigodi , ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.

AbAhluleli 6:10

ngathi kini: NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha kanilalelanga izwi lami.

AmaHubo 81:10

Mina nginguJehova uNku lunkulu wakh o owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.

U-Eksodusi 10:2

ukuze utshele indodana yakho ezindleben i nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe , nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.

U-Eksodusi 12:12

Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe , abantu nezinkomo , ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.

U-Eksodusi 14:18

AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova , nxa ngidunyisiwe ngoFaro , ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.

U-Eksodusi 14:4

Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro , abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke ; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova. Benze njalo-ke.

U-Eksodusi 15:26

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

U-Eksodusi 16:12

Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa -Israyeli; khuluma kubo , uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama , kusasa nisuthe isinkwa , nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

U-Eksodusi 20:2

NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe , indlu yobugqila.

U-Eksodusi 29:46

Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo , owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo ; nginguJehova uNkulunkulu wabo.

U-Eksodusi 31:13

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Anogcina amasabatha , ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.

U-Eksodusi 6:2

UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: NginguJehova;

U-Eksodusi 6:29

uJehova washo kuMo se, wathi: NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.

U-Eksodusi 6:6

Ngalokho yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuthi : NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.

U-Eksodusi 6:7

Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami , mina ngibe nguNkulunkulu wenu ; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.

U-Eksodusi 6:8

Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u - Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.

U-Eksodusi 7:17

UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi as emfuleni, aphenduke igazi.

U-Eksodusi 7:5

AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova , nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.

U-Eksodusi 8:22

Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona , ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.

U-Isaya 42:8

NginguJehova; yilo igama lami ; angiyikunika omunye inkazimulo yami , nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.

U-Isaya 43:11

Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.

U-Isaya 43:15

NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.

U-Isaya 43:3

Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho , oNgcwele ka -Israyeli, uMsindisi wakho ; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho , iKushe neSheba esikhundleni sakho.

U-Isaya 44:24

Usho kanje uJehova uMhlengi wakh o nowakubumba kwasesiswini , uthi: NginguJehova owenza konke , oweneka izulu yedwa , nowendlala umhlaba ngokwakhe,

U-Isaya 45:18

Ngokuba usho kanje uJehova , owalidala izulu , onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba , wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize , wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: NginguJehova, akakho omunye.

U-Isaya 45:5

Mina nginguJehova , akakho omunye ; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi,

U-Isaya 45:6

ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalang a ukuthi akakho ngaphandle kwami; mina nginguJehova, akakho omunye;

U-Isaya 45:7

yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama , ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.

U-Isaya 48:17

Usho kanje uJehova uMhlengi wakho , oNgcwele ka -Israyeli, uthi: NginguJehova uNkulunkulu wak ho okufundisile okukusizayo , okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

U-Isaya 49:23

Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho , namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi , bakhothe uthuli lwezinyawo zakho ; uyakwazi ukuthi nginguJehova , abethemba kimi abayikujabha.

U-Isaya 51:15

NginguJehova uNkulunkulu wakh o ovusa ulwandle , ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

U-Isaya 60:22

Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.

UDuteronomi 29:6

Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla , ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UDuteronomi 5:6

NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe , indlu yobugqila.

UGenesise 15:7

Wayesethi kuye : NginguJehova owaku phumisa e -Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.

UGenesise 28:13

Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo , wathi: NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.

UHezekeli 11:10

Niyakuwa ngenkemba , nginahlulele emkhawulweni wakwa -Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 11:12

nazi ukuthi nginguJehova , ngokuba anihambanga ngezimiso zami , nezahlulelo zami anizenzanga , kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo. Isiprofetho sokubuyiswa

UHezekeli 12:15

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibahlakazela ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 12:16

Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni , nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 12:20

Imizi ehlalwayo iyakuchithwa , izwe libe yincithakalo , nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 13:14

Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe , ngiludilizele phansi , lunamathele emhlabathini , kwambulwe isisekelo salo ; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 13:21

Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu , ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe , nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 13:23

ngalokho anisayikubona okuyize , ningabe nisabhula ukubhula ; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 14:8

ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga , ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami , nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 15:7

Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo ; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda ; niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.

UHezekeli 16:62

Sengiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguJehova

UHezekeli 20:12

Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.

UHezekeli 20:19

NginguJehova uNkulunkulu wenu : hambani ngezimiso zami , nigcine izahlulelo zami, nizenze,

UHezekeli 20:20

ningcwelise amasabatha ami , abe yisibonakaliso ph akathi kwami nani , ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UHezekeli 20:26

Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 20:38

ngihlunge kini abahlubuki nabeqayo kimi , ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona , bangangeni ezweni lakwa -Israyeli kodwa , nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 20:42

Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa -Israyeli, izwe engaliphakamisela isandla sami ukuba ngilinike oyihlo.

UHezekeli 20:44

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngisebenza kini ngokwegama lami kungengokwezindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezona keleyo nina ndlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova. Umlilo wasehlathini

UHezekeli 20:5

uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u - Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami , ngazazisa kubo ezweni laseGibithe , ngabaphakamisela isandla sami , ngathi: NginguJehova uNkulunkulu wenu.

UHezekeli 20:7

Ngathi kubo: Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe , ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.

UHezekeli 22:16

Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe ; uyakwazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 24:27

Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu ; uyakuba yisibonakaliso kubo , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 25:11

ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 25:17

Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo , bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.

UHezekeli 25:5

Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela , abantwana bakwa- Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 25:7

bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe , ngikunqume kubantu , ngikuchithe emazweni , ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 26:6

Amadodakazi alo asendle ayakubulawa ngenkemba , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 28:22

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe Sidoni ; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ukwahlulela kulo, ngingcweliswe phakathi kwalo.

UHezekeli 28:23

Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo ; abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwal o ngenkemba ephezu kwalo nxazonke , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 28:26

Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo , bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.

UHezekeli 29:21

Ngalolo suku ngiya kuhlumisa uphondo endlini ka -Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 29:6

Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova , ngokuba bebeludondolo lohlanga kuyo indlu yakwa-Israyeli.

UHezekeli 29:9

Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane , bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, mina ngiwenzile.

UHezekeli 30:19

Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 30:25

Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele , izingalo zikaFaro ziwe , bazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.

UHezekeli 30:26

Ngiyakubahlakazela a baseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 30:8

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho sengiphembe umlilo eGibithe, bachotshozwe bonke abasizi balo.

UHezekeli 32:15

Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane , izwe elingasenokugcwala kwalo , lapho ngibulala bonke abakhe kulo , khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 33:29

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.

UHezekeli 34:27

Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo , umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo , zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi zejoka lazo , ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.

UHezekeli 35:12

Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa -Israyeli ngokuthi : Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.

UHezekeli 35:15

Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa -Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe : uyakuba yincithakal o, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u -Edomi, yebo, wonke wakhe , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 35:4

Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane , wena ube yincithakalo , wazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 35:9

Ngiyakukwenza incithakalo ephakade , imizi yakho ingabe isah lalwa, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 36:11

Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane ; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 36:23

Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo , izizwe zazi ukuthi nginguJehova , isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.

UHezekeli 36:38

Njengomhlambi ongcwelisiweyo , njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo , kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 37:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho sengiwavulile amathuna enu , nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami.

UHezekeli 37:6

Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu , ngihlumise inyama phezu kwenu , nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 38:23

Ngiyakuzenza mkhulu , ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 39:28

Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNk ulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe , nangokuba ngababutha ezweni lakubo ; angisayikushiya muntu wabo khona;

UHezekeli 39:6

Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 39:7

Ngiyakwenza ukuba laziwe igam a lami elingcwele phakathi kwabantu bami u -Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.

UHezekeli 6:10

Bayakwazi ukuthi nginguJehova ; angishongo ngeze ukuthi ngiyakwenza lokhu okubi kubo.

UHezekeli 6:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.

UHezekeli 6:14

Ngiyakuselulela kubo isandla sami, ngenze izwe libe yincithakalo nokuyize kunehlane laseDibila kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 6:7

Ababulawayo bayakuwa phakathi kwenu, nazi ukuthi mina nginguJehova.

UHezekeli 7:27

Inkosi iyakulila , isikhulu siyakwembatha incithakalo , nezandla zabantu bezwe ziyakuhlushwa; ngiyakwenza kubo njengezindlela zabo , ngibahlulele njengezimfanelo zabo, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 7:4

Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele ; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho , izinengiso zakho zibe phakathi kwakho ; niyakwazi ukuthi nginguJehova.

UHoseya 12:9

Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe ; ngisezakukuhlalisa ematendeni njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.

UHoseya 13:4

Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakh o kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu , nomsindisi akak ho ngaphandle kwami.

UJeremiya 24:7

Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova ; bayakuba ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo , ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.

UJeremiya 32:27

Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke , kukhona okungahlulayo na?

UJoweli 2:27

Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka -Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye ; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

UJoweli 3:17

Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wen u engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele ; iJerusalema liyakuba ngcwele , abafokazi abasayikulidabula.

ULevitikusi 11:44

Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu ; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele ; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.

ULevitikusi 11:45

Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibit he, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.

ULevitikusi 18:2

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo : NginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 18:21

Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki , ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.

ULevitikusi 18:30

Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu , ningazingcolisi ngawo ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 18:4

Nenze izahlulelo zami , nigcine imithetho yami ukuba nihambe ngayo ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 18:5

Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami ; uma umuntu ezenza , uyakuphila ngazo; nginguJehova.

ULevitikusi 18:6

Makungasondeli muntu kowakubo ukwambula ubunqunu bakhe ; nginguJehova.

ULevitikusi 19:10

Awuyikukhothoza isivini sakho , ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 19:12

Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.

ULevitikusi 19:14

Ungaqalekisi isithulu , ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe , kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.

ULevitikusi 19:16

Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho , ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.

ULevitikusi 19:18

Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho , kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

ULevitikusi 19:25

Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo , ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 19:28

Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.

ULevitikusi 19:3

Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise , nigcine amasabatha ami ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 19:30

Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.

ULevitikusi 19:31

Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi , ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 19:32

Wosukuma phambi kwempunga , uhloniphe ubuso bomun tu omdala , umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.

ULevitikusi 19:34

Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu , umthande njengalokhu uzithanda wena , ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 19:36

Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo , nezisindo ezilungileyo , ne-efa elilungileyo, nehini elilungileyo ; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.

ULevitikusi 19:37

Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami , nizenze; nginguJehova.

ULevitikusi 19:4

Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 20:24

Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.

ULevitikusi 20:7

Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 20:8

Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

ULevitikusi 21:12

futhi angaphumi endlini engcwele , angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.

ULevitikusi 21:15

Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe ; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.

ULevitikusi 21:23

Kuphela akayikungena kuso isihenqo , futhi angasondeli e -altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele , ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.

ULevitikusi 22:16

bangabethwesi ububi obutholisa icala , lapho bedla izinto zabo ezingcwele ; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo. Imithetho yemihlatshelo

ULevitikusi 22:2

Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

ULevitikusi 22:3

Yisho kubo ukuthi : Yilowo nalowo w enzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa -Israyeli abazingcwelisela uJehova , esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa , angabikho phambi kwami; nginguJehova.

ULevitikusi 22:30

Uyakudliwa ngalolo suku , ningashiyi lutho lwawo kuze kuse ; nginguJehova.

ULevitikusi 22:31

Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.

ULevitikusi 22:32

Ningahlambalazi igama lami elingcwele ; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,

ULevitikusi 22:33

owanikhipha ezweni laseGibithe , ngibe nguNkulunkulu wenu ; nginguJehova.

ULevitikusi 22:8

Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ng akho; nginguJehova.

ULevitikusi 22:9

Ngalokho abogcina isiyalezo sami , funa babe nesono ngaso , bafele kuso , uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.

ULevitikusi 23:22

Nxa nivuna isivuno sezwe lakini , awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho , ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho ; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.

ULevitikusi 23:43

ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakwa - Israyeli emadokodweni eku bakhipheni kwami ezweni laseGibithe , nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 24:22

Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 25:17

Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho , ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.

ULevitikusi 25:38

NginguJehova uNkulunkulu wenu owani khipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 25:55

Ngokuba abantwana bakwa -Israyeli bayizinceku kimi ; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 26:1

Ningenzi izithombe , ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika ; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 26:13

NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme. Ukusongelwa kwabeqayo umthetho

ULevitikusi 26:2

Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova. Izithembiso kwabagcina umthetho

ULevitikusi 26:44

Kepha uma kunjalo , sebekhona ezweni lezitha zabo , angiyikubalahla, nginganengwa yibo , ukuze ngibaqothule , ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

ULevitikusi 26:45

kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.

UNumeri 10:10

Nangezinsuku zokuthokoza kwenu , nangemikhosi emisiweyo , nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu ; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Abakwa-Israyeli basuka eSinayi

UNumeri 15:41

NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe , ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UNumeri 3:13

Ngokuba onke amazibulo angawami ; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.

UNumeri 3:41

Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa -Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 3:45

Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo , amaLevi abe ngawami; nginguJehova.

UZakariya 10:6

Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo , babe kungathi angizange ngibalahle , ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.