Skip to Content

"nginguye"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:14

Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu , wamfumana ehlezi phansi kwe - oki; wathi kuye: Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na? Wathi: Nginguye.

1 kwabaseKorinte 9:2

Noma ngingesiye umphostoli kwabanye , nokho kinina nginguye , ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

1 uSamuweli 4:16

Lowo muntu wathi ku -Eli: Nginguye owaphuma empini , ngibaleke empini namuhla. Wathi: Bekunjani, ndodana yami, na?

2 uSamuweli 20:17

Wasondela kuye ; owesifazane wayesethi : Wena unguJowabe na ? Wathi: Nginguye. Wayesethi kuye : Yizwa amazwi encekukazi yakho . Wathi: Ngiyezwa.

AbAhluleli 13:11

UManowa wasukuma wamlandela umkakhe , wafika kulowo muntu , wathi kuye: Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na ? Wathi: Nginguye.

IsAmbulo 22:8

Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto . Kuthe sengizwile , sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.

IsAmbulo 2:23

ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa ; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo , futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.

NgokukaJohane 13:19

Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba , nxa sekwenzeka , nikholwe ukuthi nginguye.

NgokukaJohane 4:26

UJesu wathi: Nginguye mina engikhuluma nawe.

NgokukaJohane 8:24

Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu ; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.

NgokukaJohane 8:28

Wayesethi uJesu : Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu , khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokut hi angenzi lutho ngokwami , kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.

NgokukaJohane 9:9

Abanye bathi: Nguyena, abanye bathi: Qha, kepha ufana naye ; yena wathi: Nginguye.

NgokukaLuka 21:8

Wathi: Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Nginguye; bathi futhi: Isikhathi sesisondele; maningabalandeli.

NgokukaMarku 13:6

Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Nginguye, badukise abaningi.

NgokukaMarku 14:62

Wathi uJesu : Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.

U-Eksodusi 3:14

UNkulunkulu wathi kuMose : Nginguye enginguye. Wathi: Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: UNgikhona ungithumile.

U-Isaya 43:10

Ningofakazi bami , usho uJehova , nenceku yami engiyikhethiley o ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye ; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona.

U-Isaya 43:13

Yebo, kwasendulo nginguye ; akakho ongophula esandleni sami ; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?

U-Isaya 46:4

Noze niguge , nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga , ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu , futhi ngiyakunetshatha , yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.

UDuteronomi 32:39

Bonani manje ukuthi mina , yebo, mina nginguye , akakho unkulunkulu ngaphandle kwami ; mina ngiyabulala , besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.

UGenesise 27:24

Kepha wayesethi: Uyindodana yami u-Esawu uqobo na? Wathi: Nginguye.