Skip to Content

"nginike"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:31

Wayesethi kuJerobowamu : Zithathele imidweshu eyishumi , ngokuba uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli usho kanje , uthi: Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi

1 AmaKhosi 17:19

Kepha wathi kuye : Nginike indodana yakho . Wayithatha esifubeni sakhe , wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho e hlala khona , wayibeka embhedeni wakhe.

1 iziKronike 21:22

UDavide wathi ku -Orinani: Nginike indawo yalesi sibuya ukub a ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.

1 uSamuweli 17:44

UmFilisti wathi kuDavide : Woza kimi , nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.

1 uSamuweli 17:46

Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami ; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe , nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaF ilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,

1 uSamuweli 21:3

Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na ? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.

1 uSamuweli 21:9

Wayesethi umpristi : Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe . Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo. UDavide wathi: Ayikho enjengayo; nginike yona.

2 AmaKhosi 10:15

Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye : Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na ? Wathi uJehonadaba: Yebo. Wathi uJehu: Uma kunjalo , nginike isandla sakho . Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.

2 uSamuweli 3:14

UDavide wayesethuma izithunywa ku -Ishi Bosheti indodana kaSawule , ethi: Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.

NgokukaLuka 15:12

Encane yawo yayisithi kuyise : Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami ; wawahlukanisela impahla.

U-Eksodusi 32:13

Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo , idle ifa lalo kuze kube phakade.

U-Esteri 8:7

Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: Bhekani, nginike u -Esteri indlu kaHamani ; yena bamphanyekile emthini , ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.

U-Isaya 41:27

Ngingowokuqala othi kulo i Siyoni: Bheka, babheke, nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.

UGenesise 1:30

Kepha zonke izilwane zomhlaba , nezinyoni zonke zezulu , nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla, kwaba njalo.

UGenesise 29:21

UJakobe wathi kuLabani : Nginike umkami , ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.

UHagayi 2:9

Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala , usho uJehova Sebawoti, nginike ukuthula kule ndawo, usho uJehova Sebawoti.

UHezekeli 37:6

Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu , ngihlumise inyama phezu kwenu , nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.

UJeremiya 17:10

Mina Jehova ngivivinya inhliziyo , ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.

UJeremiya 19:7

Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema , ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo , nangesandla sabafuna ukuphila kwabo , nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.

UJobe 36:3

Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.

UJoshuwa 14:12

Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.