Skip to Content

"nginiyise"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 18:32

ngize ngifike , nginiyise ezweni elinjengezwe lakini , izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini , izwe leminqumo nezinyosi , ukuba niphile, ningafi. Futhi ningamlaleli uHezekiya , lapho e niyenga ngokuthi : UJehova uyakusophula.

2 AmaKhosi 6:19

Wayesethi u -Elisha kubo : Le akusiyo indlela , nalona akusiwo umuzi ; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo. Wabayisa eSamariya.

2 kwabaseKorinte 11:2

Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu , ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.

U-Eksodusi 3:17

Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.

U-Isaya 36:17

ngize ngifike , nginiyise ezweni elinjengezwe lakini , izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.

UHezekeli 20:35

nginiyise ehlane labantu, ngahlulelane nani khona ubuso nobuso.

UHezekeli 36:24

Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.

UHezekeli 37:12

Ngalokho profetha , uthi kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.

UJeremiya 3:14

Buyani, bantwana abahlehlayo , usho uJehova , ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini , babe babili emndenini , nginiyise eSiyoni,