Skip to Content

"ngisindise"

20 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 9:22

kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.

AmaHubo 109:21

Kepha wena Jehova, Nkosi yami , ngiphathe ngokwegama lakho ; njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.

AmaHubo 109:26

Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami, ngisindise ngokomusa wakho,

AmaHubo 119:146

Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho.

AmaHubo 119:94

Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.

AmaHubo 22:21

Ngisindise emlonyeni wengonyama ; nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

AmaHubo 31:16

Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho.

AmaHubo 39:8

Ngisindise kuzo iziphambeko zami, ungangenzi isithuko sesiwula.

AmaHubo 54:1

Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngahlulele ngamandla akho.

AmaHubo 59:2

ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.

AmaHubo 69:1

Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

AmaHubo 7:2

ngisindise kubo bonke abangizingelayo , ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyam a eklebhula, kungekho okhululayo.

KwabaseRoma 11:14

ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami , ngisindise abanye kubo.

NgokukaJohane 12:27

Kalokhu umphefumulo wami ulusizi , ngizakuthini na ? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.

NgokukaJohane 12:47

Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi , lowo angimahluleli mina , ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe.

NgokukaMathewu 14:30

Kepha ebona umoya wesaba ; eseqala ukushona wakhala wathi : Nkosi, ngisindise!

U-Isaya 49:25

Noma kunjalo, uJehova uthi : Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa , nempango yabacindezeli iyakophulwa , kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngisindise abantwana bakho.

UJeremiya 17:14

Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.

UZakariya 10:6

Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo , babe kungathi angizange ngibalahle , ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.

UZefaniya 3:19

Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo , ngibenze indumiso negam a abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.