Skip to Content

"ngiyakubeka"

29 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:28

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

2 AmaKhosi 19:7

Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo , izwe amahemuhemu , ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.

2 AmaKhosi 21:4

Wakha ama -altare endlini kaJehova , uJehova asho ngayo ukuthi : Ngiyakubeka igama lami eJerusalema.

2 AmaKhosi 21:7

Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;

2 iziKronike 33:7

Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;

AbAhluleli 6:37

bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke , ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.

AmaHubo 89:25

Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle , esokunene sakhe phezu kwemifula.

KumaHeberu 2:13

futhi: Ngiyakubeka ithemba lami kuye , futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.

U-Amose 7:8

UJehova wathi kimi : Amose, ubonani na ? Ngathi: Intambo yomthofu wokumisa. Yayisithi iNkosi : Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

U-Eksodusi 7:4

Kepha uFaro akayikunilalela ; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe , ngikhiphe amabandla ami , isizwe sami , abantwana bakwa -Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.

U-Isaya 22:22

Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe ; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.

U-Isaya 37:7

Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo , izwe amahemuhemu , ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.

U-Isaya 66:19

Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.

UDuteronomi 17:14

Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulidle, uhlale kulo , uthi: Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,

UHezekeli 21:15

Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla , nezikhubekiso zabo zande , ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala!

UHezekeli 23:25

Ngiyakubeka kuwe umhawu wami , bakuphathe ngokufutheka , basuse ikhala lakho nezindlebe zakho , abaseleyo bakho bawe ngenkemba ; bayakuthatha amadodana akho amadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo.

UHezekeli 25:14

Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka -Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 32:5

Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni , ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.

UHezekeli 37:6

Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu , ngihlumise inyama phezu kwenu , nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 39:21

Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe , zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.

UHezekeli 6:5

Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa -Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.

UJeremiya 1:10

Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.

UJeremiya 49:38

Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e -Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu, usho uJehova.

ULevitikusi 20:3

Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.

ULevitikusi 20:5

ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe , ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga , beyophinga noMoloki.

ULevitikusi 20:6

Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge , ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo.

ULevitikusi 26:11

Ngiyakubeka itabernakele lami phakathi kwenu , umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.

ULevitikusi 26:17

Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.

UNehemiya 13:21

Ngabaxwayisa, ngathi kubo : Nilalelani malungana noganga na ? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini. Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.