Skip to Content

"ngiyakuhamba"

16 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 23:23

Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha , lapho eca sha khona, nibuyele kimi nineqiniso ; ngiyakuhamba nani ; kuyakuthi uma ekhona ezweni , ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.

2 AmaKhosi 6:3

Kepha omu nye wathi : Vuma uhambe nezinceku zakho . Wathi: Ngiyakuhamba.

AbAhluleli 4:8

UBaraki wathi kuye : Uma uhamba nami , ngiyakuhamba; kepha uma ungahambi nami, angiyikuhamba.

AbAhluleli 4:9

Wathi kuye: Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho , ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane . Wayesesuka uDebora , wahamba noBaraki , baya eKedeshi.

AmaHubo 116:9

Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

AmaHubo 119:45

Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.

AmaHubo 86:11

Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.

U-Eksodusi 33:14

Wayesethi: Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?

U-Isaya 45:2

Mina ngiyakuhamba phambi kwakho , ngihlelembe amagebhugebhu , ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi.

UDuteronomi 2:27

Mangidabule izwe lakho ; ngiyakuhamba ngomgwaqo , ngingajiki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

UHoseya 2:7

Uyakulandela izithandwa zakhe , kepha akayikuzifica ; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni ya mi yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.

UHoseya 5:15

Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami , baze bazithwese icala labo , bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.

ULevitikusi 26:12

Ngiyakuhamba phakathi kwenu , ngibe nguNkulunkulu wenu , nibe ngabantu bami.

ULevitikusi 26:24

nami ngiyakuhamba ngiphambene nani , nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.

ULevitikusi 26:28

nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka , ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.

UZakariya 8:21

bahambe abakhileyo komunye , baye komunye , bathi: M asiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova , simfune uJehova Sebawoti ; nami ngiyakuhamba.