Skip to Content

"ngiyakukunika"

18 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:2

U-Ahabi wakhuluma kuNaboti , wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino , ngokuba siseduze nendlu yami , ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso ; kepha uma kukuhle emehlweni akho , ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.

1 AmaKhosi 21:6

Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.

1 AmaKhosi 21:7

Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa - Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.

1 AmaKhosi 5:6

Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni , izinceku zami zibe nezakho ; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.

1 uSamuweli 18:17

USawule wathi kuDavide : Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: Isandla sami masingabi phezu kwakhe , kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.

2 AmaKhosi 18:23

Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuwo.

2 iziKronike 1:12

uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi ; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho , nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.

AbAhluleli 17:10

UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:12

Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile , nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.

IzAga 3:28

Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi : Hamba, ubuye, ngiyakukunika kusasa, lapho kukhona kuwe.

NgokukaMathewu 16:19

Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu . Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini , nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.

U-Isaya 36:8

Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami , inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuzo.

U-Isaya 45:3

Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama , nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehov a okubiza ngegama lakho , uNkulunkulu ka-Israyeli.

UGenesise 13:17

Suka udabule izwe , ubude balo nobubanzi balo , ngokuba ngiyakukunika lona.

UGenesise 28:22

naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu , nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.

UHezekeli 29:5

Ngiyakukulahla ehlane , wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho , uwe ebusweni bomhlabathi ; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.

UNumeri 22:17

ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu , nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu.

UZakariya 3:7

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami , uyakwahlulela endlini yami , ugcine namagceke ami ; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.