Skip to Content

"ngiyakuthuma"

27 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:6

kepha ngalesi sikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe , ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho ; kuyakuthi konke okuhl e emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe.

1 uSamuweli 20:21

Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi : Hamba ufune imicibisholo . Uma ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe, woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.

1 uSamuweli 9:16

Kusasa ngalesi sikhath i ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u -Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti , ngokuba ngibonile abantu bami , lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.

U-Amose 1:10

Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire , uqede izindlu zalo zamakhosi.

U-Amose 1:12

Kepha ngiyakuthuma umlilo e Themani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.

U-Amose 1:4

Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli , uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

U-Amose 1:7

Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza , uqede izindlu zalo zamakhosi.

U-Amose 2:2

Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi , uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela , nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.

U-Amose 2:5

Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.

U-Amose 8:11

Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.

U-Eksodusi 23:27

Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho , ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.

U-Eksodusi 23:28

Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi , namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.

U-Eksodusi 33:2

Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho , ngiwaxoshe amaKhanani , nama- Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,

U-Isaya 6:8

Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi : Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na? Ngase ngithi: Bheka, nangu mina; ngithume mina.

UHezekeli 28:23

Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo ; abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwal o ngenkemba ephezu kwalo nxazonke , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 2:3

Wathi kimi: Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.

UHezekeli 2:4

Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala ; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

UHezekeli 39:6

Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 7:3

Ukuphela sekuphezu kwakho ; ngiyakuthuma ukufutheka kwami , ngikwahlulele njengezindlela zakho , ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.

UHoseya 8:14

Ngokuba u -Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe , wakha izindlu zamakhosi , noJuda wandisile imizi ebiyelweyo , ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe , uqede izindlu zayo zobukhosi.

UJeremiya 24:10

Ngiyakuthuma kubo inkemba , nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.

UJeremiya 29:17

yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.

UJeremiya 51:2

Ngiyakuthuma abelayo eBabele, balele, balithulule, ngokuba ngosuku lobubi bayakuba kulo nxazonke.

ULevitikusi 26:22

Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.

ULevitikusi 26:25

Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu , ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu , ninikelwe esandleni sesitha.

UMalaki 2:2

Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti , ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

UMalaki 4:5

Bhekani, ngiyakuthuma kini u -Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.